IFORD Motor Company izotshala uR600 million efemini yayo yezinjini iStruandale Engine Plant, eGqeberha, e-Eastern Cape, ukulungiselela ukukhiqiza injini entsha eyiV6.
Muva nje iFord iveze iFord Ranger entsha ezoqala ukudayisa ngonyaka ozayo. Le Ranger izokwakhiwa efemini yayoi Silverton Assembly Plant ePitoli.
Injini ezokwakhiwa ingu-3.0l V6 turbodiesel futhi ingenye yezizotholakala kwiRanger entsha. Amandla ayo awakadalulwa.
Imali izosiza ukuthuthukisa ulayini okwakhiwa khona nenjini engu-2.0l single turbo ne-2.0l Bi-Turbo diesel ehamba iRanger yamanje nesazoqhubeka nokutholakala kwentsha.
Isikhulu sezokusebenza kwaFord South Africa u-Ockert Berry sithe ngale mali bakhombisa ukuzimisela kwabo ngokukhulisa umsebenzi wabo kuleli.
“Imali eniningi izoya ekukhuliseni nokuthuthukisa ulayini wokukhiqiza osuwakhe izinjini eziyi-2.2l ne-3.2l Duratorq TDCi kusuka ngo-2011 futhi sekwakhiwe ezingu-792 000 kuze kube yimanje.”
Uthe yize isibalo sabasebenzi singeke sishintshe ku-850 kodwa njengamanje bamatasa bayaqeqeshwa ukwenza lo msebenzi uma usuqala.