IToyota South Africa Motors (Tsam) isiqinisekise ukuthi izokwethula iGR Corolla eNingizimu Afrika ngekota yesibili yonyaka.
Ukufika kwayo kuzokwenza zibe zine izimoto ezivela ngaphansi kweGazoo Racing njengoba kukhona iGR Supra, GR Yaris neGR86.
Kuqinisekiswa ukudayiswa kwayo kuleli nje, kuleli sonto kusabalale izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana kukhona abayibona ithwelwe yiloli nokuqubule imibuzo ngayo.
UGlenn Crompton, oyisikhulu sezokuMaketha eTsam, uthe ukwakha kwabo izimoto okumnandi ukuzishayela kuhleli obala.
Uthe iGR Corolla izonikeza abathanda ukushayela abakufunayo okungamandla, ukubambelela nobuhle.
IGR Corolla inenjini engu-1.6 litre three-cylinder turbocharged kaphethroli. Ifana naleyo ekwiGR Yaris kodwa inyuswe amandla.
Ifuqa 221kW/ 370 Nm futhi isebenzisa ugearbox oyi-6 speed manual. Idonsa ngawo wonke amasondo njengoba ine GR-Four all-wheel drive system.
Le moto iqale ukubonakala ngo-Ephreli ngo-2022 kwaTsam bathi kungenzeka ifike njengoba sekuqinisekiwe.
ITsam ithele moto izofika ngesibalo esikaliwe. Intengo izoqinisekiswa uma isizokwethulwa.