IMOTO: FORD RANGER STORMTRAK
IMOTO edayisa kakhulu kwaFord yiveni iFord Ranger okumele bahlale njalo beyenza ihehe emakhasimendeni kwazise umbango ushubile.
Iveni akuyona imoto edayisa kakhulu kwaFord kuphela kepha eNingizimu Afrika yonke imoto edayisa kakhulu zinyanga zonke yiToyota Hilux.
IHilux, Isuzu D-Max, Nissan Navara, GMW P-Series ngezinye zezimbangi zeRanger.
Kule minyaka engu-10 selokhu kuqale ukudayisa iRanger esemakethe kuleli, kulokhu kwethulwa izinhlobo ezahlukene zekhethelo.
Entsha isendleleni kepha ngesikhathi kusalindwe yona, umsebenzi uyaqhubeka efemini yakwaFord ePitoli ukuthi ekhona manje amakhasimende ayithakasele.
Bathathe iWildtrak base beyishuna ngezinto ezithize bayibiza ngeStormtrak.
Ifika nezinto ozithola kwiWildtrak yase ishintshwa lapha nalaphaya futhi ifika nezinto ezengeziwe.
Inemibala ehluke ngayo oyithola kuyo njengalo Lucid Red okule esihamba ngayo, inamarimu angu-18 inch bese iba nemihlobiso emzimbeni kanjalo nombhalo wegama layo.
Esikhenkeni uzofica ikhava evaleka futhi ivuleke ngogesi. Lokhu ukwenza ngebhathini elingaphakathi kuyo, ikukhiye noma khona esikhenkeni. Isivalo sesikhenke silula kahle, asidingi mandla ukusivula.
Ikhava le ekhona, njengoba ezinye izimoto uzifica sezifakwe useyili, yenza impilo ibe lula ngoba impahla iyavikeleka kodwa okubi ukuthi inciphisa isikhala sokulayisha.
Kuphinde kube nokokuhlukanisa impahla phakathi esikhenkeni futhi kuyibambe ukuthi ingalokhu inyakaza.
Ngaphakathi abagibeli bahlala ezihlalweni zesikhumba. IneSYNC®3 infotainment system enenkombandlela, Apple CarPlay/Android Auto nekhamera ngemuva. Umsakazo ubulokhu uzishintsha wona isiteshi ngingazi noma kunento engiyiciphizile noma unenkinga onayo.
Inezimbobo zokushaja amaselula ezimbili ngaphambili, Adaptive Cruise Control (ACC) eneForward Collision Alert, Autonomous Emergency Braking (AEB), Lane Keeping Alert neLane Keeping Aid kanjalo neDriver Alert System nokunye.
Ihamba ngenjini engu-2.0 litre BiTurbo efuqa amandla angu-157kW ne-torque engu-500Nm. Isebenzisa u-gearbox oshintsha buthule oyi-10 speed auto. Kudizili, ibidla amalitha angu-11 ngo-100km nokuyinto engaphezulu kakhulu kuno-7.8 oshiwo kubo kwayo.
Indlela ehamba ngayo ungathi yiSUV futhi nokuyipaka kulula ngoba isiteringi sithambile futhi inePark Assist ekusizayo ukupaka. Uthi uma uyifaka obhuqwini ingabi nankinga njengoba iphakeme futhi iyi-4x4 enazo zonke izinsiza njengodiff lock noLow range.
Intengo:
R855 200
Ifika neRoadside Assistance yeminyaka emine kanti iservice plan uyithenga uma uthanda.