UKUTHENGA ingulube isesakeni kuyinto abantu abaningi abangathandi ukubhekana nayo ngoba kusho ukuthenga impahla ongazi ukuthi ikusiphi isimo.
Uma kuza ezimotweni, lokhu kwenzeka uma uthenga imoto kakhulukazi eyisekeni (2nd hand).
Ungoti uthi kunomthetho ovikela umthengi obizwa ngeConsumer Protection Act.
Okubalulekile uma ubheka umthetho weConsumer Protection Act:
•Bhekisisa inkontileka yokuthenga imoto noma eyesikweletu ukuqinisekisa ukuthi awuthengi ngendlela ebhalwa ngokuthi “voetstoots” noma “as is” noma “as scrap” ngoba le migilingwane engenziwa amagaraji isijwayelekile. Lokhu kusho ukuthi uyavuma ukuyithatha injalo noma ngabe ikusiphi isimo.
•Qinisekisa ukuthi i-Offer to Purchase ineminingwane ovumelana nayo nentengo ngaphambili kokuyisayina. Qinisekisa ukuthi nalo igaraji (umdayisi) uyayisayina bese ube nekhophi ye-Offer to Purchase.
•Umthetho weConsumer Protection Act uthi umdayisi wemoto eyisekeni kumele adayise imoto esesimeni esikahle, isebenze ngendlela efanele futhi ngendlela eyakhelwe yona bese kuba ukuthi ayinakho ukufa emzimbeni noma ezinsimbini.
•Umthetho ubeka ukuthi kube nesikhathi esingangezinyanga eziyisithupha lapho umthengi evikelekile ngokomthetho uma imoto ayithengile ingakwenzi okufane noma ifa. Lokhu kufana nokuvikeleka kweWarranty. Lokhu kusho ukuthi uma uthenge imoto eyisekeni yabe isiba nenkinga eyenza ingasebenzi ngendlela, umthengi uyavikeleka ekuqolweni umdayisi.
•Lokhu kusho ukuthi kungakapheli izinyanga eziyisithupha, umthengi uma efelwa yimoto, uyakwazi ukuya egaraji lapho eyithenge khona abaphoqe ukuthi bayilungise lapho ife khona, bayishintshe, bamnike enye esebenza kangcono noma bambuyisele imali yakhe egcwele.
•Ngokomthetho weConsumer Protection Act, umdayisi uphoqelekile ukuthi akwenze kokunye kwalokhu okubekwe ephuzwini elingaphezulu ngokuhambisana nezifiso zomthengi.
Ukhumbule:
•Vakashela amagaraji ahlukene ngaphambi kokuthenga. Qinisekisa ukuthi uthenga egaraji elidayisa ngokomthetho noma uthenge kumagalaji athengisa izimoto ezisebenzile (used cars).
Uma ungagculiseki ngendlela ophatheke ngayo egaraji lapho uthenga khona imoto, nazi izinyathelo ongazithatha:
•Thinta ihhovisi leMotor Industry Ombudsman, ufake udaba ukuthi baluxazulule ngokubathinta ku: 0861164672
•Ihhovisi lesifundazwe laseConsumer Affairs uma umthengi nomdayisi besesifundazweni esisodwa
•Ihhovisi leNational Consumer Commission: 012 428 7000