LIKHULU isasasa kubashayeli bezimoto abadume ngokushaya izidudla, ngokubuya ngokugcwele komcimbi iMsinga Driftkhana ezoba seMphelankani, eMsinga, ngo-Okthoba 1.
Lo mcimbi okuzobe ungoka-11 nonyaka, uzosingathwa ngaphambi kwezihlwele ezigcwele njengoba kule minyaka emibili ubanjelwe phambi kwedlanzana ngenxa yemithetho yeCovid-19.
Umhleli wawo, uSmanga Mabaso, uthe abashayeli abaningi sebejahile ukuzodlala.
“Likhulu kakhulu isasasa kubashayeli abaningi. Bazobe bevela ezindaweni ezahlukene njengakoGoli, Mpumalanga, Port Shepstone naseSwatini. Ngingabala oMagesh Ndaba, Lefa Lentja, Austin, Sam Sam, Eddie Boy nabanye abadume kwiRedbull Shay’iMoto,” kusho uSmanga.
Uthe njengenjwayelo, ngemuva komcimbi kuzoba noDJ nabaculi abazonandisa. Uthe amathikithi aseqalile ukutholakala eComputicket ngemali eqala kuR100.
“Sikhethe ukuthi singayinyusi intengo ngoba siyakuqonda ukuthi abantu abanayo imali ngenxa yokushaywa yiCovid-19. Kusukela siwavulile ukudayisa, ayathengwa impela abantu kuzomele baphuthume. AweVIP abiza uR700 kuthi aweVVIP abe anguR1 500,” kuchaza uSmanga.
Uqhube wathi: “Sishintshe usuku ebesijwayele ukwenza ngalo umcimbi uSepthemba 24, ngokucelwa esibambisene nabo ukuthi lolu suku lubuye lube nezinto eziningi njengemicimbi kahulumeni. U-Okthoba yinyanga yezokuthutha futhi lo wumdlalo wezimoto. Sizogqugquzela ukushayela ngokucophelela ngoba izingozi emgwaqweni ziningi kakhulu.”
Uthe kulo nyaka bazokwenza okuhlukile ngoba ngoSepthemba 30, bazoqala eLake Merthley, eGreytown, lapho bezosingatha khona umcimbi okuvunyelwe umndeni wonke. Uthe kuzobe kudlalwa izikebhe, izithuthuthu ezinamasondo amane, kunezindawo zokudlala izingane nabaculi.
“Siyothi uma sisuka lapho silibhekise eMsinga, endaweni okuthiwa yiseKoneni, lapho siyoba nepre-party khona.”