IMOTO: MINI COOPER
IMINI Cooper wumncanyana osuneminyaka ukhona nohlale uthuthukiswa ukuze uzoheha kumakhasimende awo.
Yize abantu abaningi bethenga kakhulu izimoto eziphakeme, amaSUV, kodwa kwaMini bathi kusekhona abantu abasazifela ngalo mncanyana. Uzokhumbula phela ukuthi iMini Cooper akuyona kuphela imoto yakwaMini ekhona emndenini njengoba kukhona iClubman, Countryman ephakeme kanjalo neCooper SE ehamba ngogesi.
Kulo nyaka, iMini Cooper enezicabha ezintathu, ezinhlanu neConvertible zithuthukisiwe ngokushintshwa nokwengezwa kwezinto ezincane kwazise ineminyaka engu-20 ikhona.
Phakathi kwezinto ezishintshile, eziyenza iqhubeke nokuheha, kubalwa imibala emisha kanjalo nokhakhayi oluhluke umbala, amarimu amasha nengemuva elihlukile kubhampa ngezansi.
Amalambu eLED ngaphambili (Adaptive LED uma uthanda) nawangemuva abizwa nge-Union Jack design asefika ngaphandle kokwengeza imali. Uma uthanda futhi uyakwazi ukuyenza uphawu negama layo kube mnyama.
Ngaphakathi kune-colour touchscreen engu-8.8 inch eveza inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Inemibala eshintshashintshayo eyikakile, isiteringi esisha esinamabhathini kanjalo nemibala emisha ekhanyisa ngayo ngaphakathi oyifaka uma uthanda.
Kuyangichaza ukuthi uma uhlela isiteringi ukuthi sime kanjani, ne-digital instrument cluster egqamile ihamba naso.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.5 litre eyi-three cylinder. Kukhona enamandla angu-75kW nenye engu-100kW.
Oyithola kwiCooper S ingu-2.0 litre four-cylinder futhi yona ifuqa amandla angu-141kW ebengilindele ukuthi ngizoyizwa iqhuma kodwa kusho ukuthi yinto ongayilindela kwiJohn Cooper Works ekhahlela u-170kW.
Zonke zifika no-gearbox ozishintshayo oyi-7 speed bese kuthi kwiJCW kube oyi-8 speed.
Ekagesi iCooper SE yona inamandla angu-135kW futhi uma ishajwe yagcwala, ithi ungahamba u-215km. KwaMini bathi kuyoshaya u-2030 sebekhiqiza izimoto zikagesi kuphela futhi kuyobasiza ukuthi ngaleso sikhathi zibe sezikwazi kuhamba ibanga elide.
Ukwenza impilo yomshayeli ibe lula, uma uthanda uyakwazi ukuthola i-Active Cruise Control eyenza izihambele iphinde ime uma imoto eyilandelayo ima futhi ibuye isuke. Uma uphuma emzileni, iyakutshela.
Kungokokuqala futhi ukuthi kwiMini ukwazi ukufaka i-Adaptive Suspension eyenza ukuthi ishintshe indlela ehamba ngayo, u-spension uthambe noma uqine uma ufuna ibe sporty.
Ziningi izinto ongazenza ukuthi iMini yakho ihluke kunabanye. Izinguquko ezifakiwe ziyenza ibukeke kahle futhi kumnandi ukuyishayela yize ibuye ithi ukuqina iCooper S. Isikhala ayinaso njengoba kuwumncanyana nje.
Intengo:
MINI One 3-door R420 000
Mini One 5-door R430 000
Mini Cooper 3-door`R469 500
Mini Cooper 5-door R479 500
Mini Cooper Convertible R533 000
Mini Cooper S 3-door R530 000 (R533 400 7-speed Steptronic)
Mini Cooper S 4-door R540 000 (R543 400 7-speed Steptronic)
Mini Cooper S Convertible R614 000 (R617 400 7-speed Steptronic)
Mini Cooper SE R658 000