Inkinga yamabhethri emoto ijwayelekile uma sekuyisikhathi sonyaka lapho amazinga okushisa ephansi, ngokusho kwe-Motor Industry Workshop Association (Miwa).
USihlalo we-Miwa, uDewald Ranft, uthe amakhaza angaba yinkinga kumabhethri abuthaka.
“Uma kubanda kakhulu kuba nzima ukuthi injini idume ngoba uwoyela ngaphakathi uyashuba nokudinga amandla amakhulu ebhethrini futhi ibhethri alikwazi ukukhipha amandla ajwayelekile ngenxa yokubanda,” kusho uRanft.
Uthe amandla okwamukela umlilo ayehla nokwenza ibhethri ingakwazi ukuzishaja kahle uma imoto ihamba. Uqhube wathi okunye okumele kubhekwe ukuthi umthwalo uyanyuka uma kuvulwe ama-heater, umoya namalambu uma ekhanyiswa.
“Yilezi zimpawu okumele uzibheke ezingakutshela ukuthi ibhethri yakho iya ngokuphelelwa yisikhathi. Umsindo osakuqhuma uma udumisa imoto uyizinkomba zebhethri elibuthaka. Okunye ukuthi amalambu akhanye kancane uma imoto iduma imile kodwa akhanye kakhulu uma uyireva,” kuchaza uRanft.
Uthe yize ibhethri ijwayele ukuhlala iminyaka emihlanu kodwa izinto ezehlukene njengesimo sezulu kungaba nomthelela. Uthe ukushintsha kwesimo sezulu, ibanga olihambayo nokuthi uyishayela nini imoto kanjalo nesikhathi oxhuma ngaso izinto ezidla ugesi emotweni kunomthelela.
“Kubalulekile ukukhumbula ukuthi ngisho imoto imile, ibhethri isuke iqhubeka nokufaka umlilo ewashini, anti-theft system nakwezinye izinto emotweni. Izinto ezifana namaselula nama-tablet ziyaqhubeka nokuthwalisa kanzima ibhethri. Kuhle ukuthi ungawaxhumi amaselula, tablet, amashaja nezinye izinto ezisebenza ngogesi uma ungazidingi, ikakhulukazi uma imoto ingadumi. Yize ibhethri ingeke iphele ngaleso sikhathi kodwa amandla ayo azothinteka ngokuhamba kwesikhathi,” kuchaza yena.
Uthe nanka amanye amathiphu angasiza ukonga ibhethri ukuze ingafi ngenxa yobusika:
- Ishintshe ibhethri yakho uma ineminyaka engaphezu kwemihlanu futhi kunezimpawu zokuthi sekunzima ukudumisa imoto. Amanye amabhethri azohluleka isikhathi eside kowa amanye ngeke. Kungcono ukuyishintsha ngesikhathi sakho kunokuthi uphoqeleke ume eceleni komgwaqo sekuphuthuma.
- Bheka ukuthi icishiwe yonke into esebenza ngogesi uma upaka ebusuku - ngisho ilambu langaphakathi, elasebhuthini nomsakazo kungayibulala ibhethri.
- Cima yonke into esebenza ngogesi uma udumisa imoto ebandayo.
URanft uphethe ngokuthi uma ungenaso isiqiniseko ngesimo sebhethri, iya endaweni egunyaziwe ukhulume nabanolwazi ngezimoto.