UNYAKA omusha usho isiqalo esisha ezindaweni nakubantu abaningi nokuyinto efanayo nasembonini yezimoto.
Izinkampani ezahlukene seziqinisekisile ukuthi yiziphi izimoto ezizozethula kumakhasimende kulo nyaka emhlabeni jikelele.
NaseNingizimu Afrika sezikhona eseziqinisekisiwe ukuthi ziyeza.
Ekupheleni kwenyanga iHyundai izokwethula iHyundai Staria 5-seater. Uma ukhumbula, ngasekupheleni konyaka odlule kwethulwe iStaria, okuyibhasi elisha elingena esikhaleni seH1 ebese ineminyaka isemakethe.
IStaria 5-seater yona inesikhala esikhulu sokulayisha impahla ebhuthini kungaba ngeyebhizinisi okanye umndeni uma ulayishe amabhayisikili nokunye.
Ezinye izimoto okulindeleke ukuthi zethulwe kwaHyundai yiKona N, ne-i30N DCT.
KwaVolkswagen isivele iyavela iPolo ethuthukisiwe kwi-website yayo. Yona nePolo GTI yizimoto okwakuvezwe ukuthi zizodayisa uma kuqala unyaka. Enye yiCaddy.
U-2022 uzoba wunyaka omatasa kwaVW njengoba bethembise ukuletha iGolf 8 T, Tiguan R, Tiguan Allspace ethuthukisiwe, iSUV entsha iTaigo, iT-Roc ethuthukisiwe kanjalo nePolo Sedan. Imininingwane ngeveni i-Amarok ayikaqinisekiswa.
KwaRenault sesiphumile isimemo kwabezindaba ukuba bazoshayela iClio entsha ngenyanga ezayo. Ngale kwayo kuza iCaptur entsha, bese kuza ezithuthukisiwe iTrafic, Kwid neTriber.
KwaBMW kulindeleke ukuthi bethule i-2 Series entsha. Kuzokwethulwa neBMW X3 ehamba ngogesi kuphela i-iX3 kanjalo ne-i4 M50.
KwaFord bayivezile iFord Ranger entsha eyakhiwa eNingizimu Afrika futhi kulindeleke ukuthi iqale ukudayisa nonyaka.
Elinye iveni elakhiwa kuleli nelizoqala ukudayisa kulo nyaka yi-Isuzu D-MAX.
I-Audi RS3 izokwethulwa kulo nyaka kanjalo nezimoto zikagesi ama e-tron.
ILexus izokwethula iNX entsha.
Ziningi nezinye izimoto ezizokwethulwa esizokubikela ngazo.