BAZOKWANDISA umndeni wezimoto zabo zikagesi kwaBMW South Africa ngeBMW iX3, ezotheleka kuleli ngonyaka ozayo.
Phambilini kwakuvele ukuthi izofika kulo nyaka nokuyinto esakhangiswa kanjalo kwi-website yale nkampani.
Le moto izojoyina i-i3 enentengo eqala kuR754 200. KwaBMW South Africa bamemezele ukuthi izodayisa kusuka ngekota yokuqala ka-2022.
I-iX3 ungayichaza njenge-X3 yabe isihluka ngezinto ezithile, okukhulu kwakho okuwukuthi ihamba ngogesi. Kuzokhumbuleka ukuthi i-X3 yakhiwa efemini yakwaBMW iPlant Rosslyn ePitoli kanti i-iX3 izokwakhiwa eChina.
Uma ulishaje lagcwala ibhrethri bathi ikwazi ukuhamba ibanga elifika ku-460km.
Bathi ukushaja nge-direct current ngemizuzu engu-10 uthola u-100km. Ukuyishaja igcwale uma ibhrethri liphelile, nge-alternative current (AC) ejwayele ukusebenza ezindlini, kuyithatha amahora angu-7.5.
Amandla endawo angu-210kW ne-torque engu-400 Nm. Ayenza ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km ngemizuzwana engu-6.8 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-180km/h.
Ifika neM Sport package eyenza ibe namarimu angu-20 inch, nama-adaptive LED headlight futhi nangemuva amalambu ayiLED.
Ngaphakathi ine-screen okwazi ukuxhuma kuso iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto, instrument cluster engu-12.3 inch, izihlalo zesikhumba nokunye. Uma uthanda, wengeza i-panoramic sunroof, izihlalo ezihlelwa ngogesi, Head-Up Display, Harman Kardon sound system nokunye.
Izinto ezisiza umshayeli enazo kubalwa ukuhlala emzileni, Active Cruise Control, iyamsiza ukuthi apake futhi inekhamera ngemuva.
Intengo ayikaqinisekiswa.