KULINDELEKE ukuthi ube nenqwaba yezinguquko umcimbi wezimoto waminyaka yonke, iMsinga Driftkhana ozoba ngenyanga ezayo eMsinga.
Umsunguli womcimbi, uSmanga Mabaso, uthe balalele okushiwo ngabantu ngaphambi kokuthi benze izinguquko.
Umcimbi uzoqala nge-pre party ngoSepthemba 22 eKoneni Lifestyle eMsinga, ngoSepthemba 23 kuzoba wumcimbi omkhulu eMphelankani bese ngoSepthemba 24 uvalwe nge-picnic edamini iMerthley Lake, eGreytown.
Ezinye zezinguqulo wukuthi sekuzoba nombukiso wamatekisi namaVW Polo azobe encintisana ngobuhle nenhlanzeko bese ewina imali.
“Amatekisi siyawamema ukuthi eze ezokhombisa ngobuhle bawo kanjalo namaPolo. Itekisi nePolo enhle ehlanzekile izothola uR3 000, ezizolala isibili zizothola uR2 000 bese ezisendaweni yesithathu zihlomule ngoR1 000,” kusho uSmanga.
Uthe umbukiso uzokwenzeka ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo wezidudla ohlale wenziwa. Uthe abashayeli abazobe bedlala bazoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi kodwa izethameli azilindele ukubona abashayeli benza imigilingwane ehlukene ngemoto, njengokuphuma ishaya isudla nokunye.
Phakathi kwemibukiso yezimoto nezidudla, izethameli ngeke zilinde kube yintambama ngaphambi kokuzitika ngomculo njengoba kuzobe kukhona amaqembu abesifazane omculo wesintu, amaqembu endlamu namabhinca.
Uthe kuzothi kuphela umcimbi bese kuqala idili lomculo khona eMphelankani lapho kuzobe kunandisa khona abaculi okubalwa kubo uDladla Mshunqisi nabanye.
“Izinguquko nesikwengezile kuza ngemuva kwezincomo esizithole kubantu. Siyakwemukela nokugxekwa ngokwakhayo, ukuze umcimbi ube ngcono ngoba vele uzokhula kanjalo.
Kuyasijabulisa ukuphinde sisingathe lo mcimbi futhi ngoba udala amathuba amaningi kubantu basesifundeni iMzinyathi, ngakho siyabanxusa abantu ukuthi bathenge amathikithi abo eComputicket, baqashe nendawo yokulala. Ngiyabakhumbuza ukuthi uMsombuluko, 25 Septhemba uzobe uyiholidi,” kusho uSmanga.
Uthe ukungena kwi-pre party kuzoba nguR80. Emcimbini omkhulu eMphelenkani ngoSepthemba 23 amathikithi aqala kuR200 abadala kuthi awezingane aqale kuR100. Awe-picnic aqala kuR100 kuthi awempelasonto yonke abe ngu-R250.