NAPHEZU kokuba izinkampani zezimoto zikhala ngokushoda kwesitokwe ngenxa yokuntula ama semi-conductor chips kodwa kwaVolkswagen South Africa bathi sebedayise izimoto ezingu-51 381 kusuka kuqale unyaka.
Ama semi-conductor chips asebenza ezintweni eziningi ezimotweni njengakumabhreki, isiteringi nokunye.
IPolo Vivo, eyakhiwa efemini yakwaVW eKariega, yiyo ezihola phambili ngokuthengwa. Kudayiswe angu-18 241 nokuyisibalo esingaphezulu ngo-2 747 uma kuqhathaniswa noJanuwari kuya ku-Okthoba wonyaka odlule.
Emndenini wamaT SUV, iT-Cross ithengwa kakhulu njengoba kudayiswe angu-5 912 ngoJanuwari kuya ku-Okthoba.
ITiguan, okwethulwe ethuthukisiwe ngoJulayi, ilelele isibili ngo-1 301.
AmaGolf 8 GTI asethengiwe kusuka iqale ukudayisa ngoSepthemba angu-201.
Ngesikhathi kusalindwe iVW Amarok entsha ngonyaka ozayo, ekhona emakethe njengamanje iyona ethengwa kakhulu kwaVolkswagen Commercial Vehicles. Kuthengwe angu-1 485. IT6.1 Kombi neCaravelle kuthengwe angu-853.
Ngonyaka ozayo iVW iqinisekise ukuthi izokwethula iPolo ethuthukisiwe, iSUV encane entsha iTaigo, iPolo Sedan, Golf 8 R, iTiguan R, iCaddy kanjalo ne-Amarok.