IMOTO: SUZUKI CELERIO
UMA unothando lwemoto encane kodwa ungazi ukuthi ungathenga yiphi, ungabe usazihlupha ngemicabango eminingi ungathembela kwiSuzuki Celerio entsha.
Lokhu ngikusho ngenxa yokuthi abakwaSuzuki bayifake ubuchwepheshe be-Electronic Stability Programme (ESP) esiza ukuthi imoto ikwazi ukubambelela emgwaqweni.
Iyimoto encane, ephephile futhi enesigqi. Yize abakwaSuzuki beyijabulela indlela abayenze yabukeka ngayo ngaphandle, angichazekanga ngokubukeka kwayo ngaphambili uma uyiqhathanisa nendala.
Entsha iyakhombisa ukuthi iyimoto encane ngisho uyibukela kude kanti endala ungaze uzitshele ukuthi imoto enkulu uyibone ngoba isiseduze ukuthi incane. Ngisho namalambu entsha acishe abukeke njengaweToyota Aygo yango-2010.
Okuhle ngayo ukuthi inenjini eyiDualjet i-K10C okuyinjini entsha eNingizimu Afrika engu-1.0 litre. Ifuqa amandla angu-49kW ne-torque engu-89Nm. Ino-gearbox oshintshwayo oyi-5 speed nozishintshayo oyi-AMT. Kuphetroli iyonga kakhulu njengoba idla u-4.2 litre ebangeni elingu-100 km.
Kuningi nokunye okwengeziwe kwiCelerio njengoba isinesikhala esikhulu ngaphambili kanti nezicabha zayo sezikwazi ukuvuleka kakhulu iphinde ibe nescreen se-infotainment esingu-7 inch. Kusona ukwazi ukubona okwenzeka emotweni uphinde usebenzise iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Ibhuthi yayo nayo ivulekile njengoba isingu-295 litre yize inesondo eliyisipele futhi uyakwazi ukulalisa izihlalo.
Ezokuphepha ziqinisiwe uma ishayisa njengoba inama-airbags amabili ngaphambili yaphinde yaba nobuchwepheshe obubizwa ngeTotal Effective Control Technology (TECT) obenza ukuthi uma ishayisa ingakulimazi kalula. Iphinde ibe neHill Hold Control okwenza ingahlehli kalula uma usuka endaweni enyukayo. Inama-Sensor akusizayo ukuthi ungashayisi uma upaka.
Ifika ngezinhlobo ezimbili okuyiGA ephuma namasondo angu-14 inch bese kuba yiGL okwazi ukuyifaka amasondo angu-15 inch.
Intengo:
Celerio 1.0 GA MT - R174 000
Celerio 1.0 GL MT - R194 000
Celerio 1.0 GL AMT - R209 000.
Iphuma ne-warranty neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu noma amakhilomitha angu-200 000. KwiGL kuphinde kwengezwe iminyaka emibili ye-Service plan noma amakhilomitha angu-30 000.