ONGOTI bentengo yezimoto, i-getWorth, bathi iyehla eyezimoto ezingamasekeni ngemuva kokuthi abathengi bake bababaza ukumba eqolo kwazo.
I-getWorth ithe ukuphazamiseka kokukhiqizwa kwezimoto ezintsha ngenxa yeCovid-19, ukuphazamiseka kokuthuthwa kwazo nokushoda kwamalunga azo njengama-microchips kube nomthelela ekutheni zishode izimoto ezintsha.
Ithe lokhu kwenze abathenga izimoto ezintsha babheka ezingamasekeni futhi ukwanda kwabazifunayo, kwenze intengo yazo yanyuka ngamandla.
I-getWorth ithe izimoto ezintsha ziya ngokwanda, ukushayeka kwabantu ngenxa yokunyuka kwemali yenzalomboleko nentengo kaphethroli, kwenza ukuthi intengo yezimoto esezisebenzile, yehle.
“Intengo isaphezulu uma uqhathanisa naseminyakeni emibili edlule futhi abadayisi basathola imali engcono, hhayi kodwa efana nangesikhathi intengo isaphezulu kakhulu. Yizindaba ezinhle kwabathenga izimoto ezingamasekeni. Ukuthenga imoto eke yaba ngeyomunye phambilini, kuyisiqumo esiphusile ngoba ibiza kangcono kunentsha,” kusho uColin Morgan we-getWorth.