IMOTO: TOYOTA LAND CRUISER 79 70TH EDITION
NGESIKHATHI iToyota yakha iLand Cruiser yayithi yenza imoto ezosetshenziswa ngamasosha.
Eminyakeni edlule kwaToyota bakha iBJ okwabe kuyimoto esetshenziswa ngamasosha. Ngaleso sikhathi yayibizwa ngeToyota BJ nokuthe ngo-1954, yabe isishintshwa igama kwaba yiLand Cruiser yavunyelwa ukuthengwa yiwo wonke umuntu.
KwaToyota bagubha iminyaka engu-70, yaqala ukuba khona ngokwethulwa kweyekhethelo esuselwe kwiLand Cruiser 70 series.
ILand Cruiser yisiqwalantaba esingadinge kwethulwa, esakhelwa ukuzobangisa iLand Rover. Lena yekhethelo ihluke nge-grille, inemibhalo ka-70th anniversary, inerabha evikela isikhenke, i-towbar okwazi ukuyikhipha, izihlalo eziqoshwe u-70th anniversary nomata ne-touchscreen infotainment system.
Ngale kwalokhu, yiLand Cruiser 70 series eyaziwayo edle ngokuqina.
Inenjini engu-4.5 litre turbodiesel V8 enamandla angu-151kW ne-torque engu-430Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-5 speed manual. Idumela phezulu ngisho usuhamba ngegiya lesihlanu uyibambe ngo-120km/h futhi uyawuzwa nomsindo ngaphakathi nowomoya.
Uma ungazijwayele izimoto ezinkulu, kuwumqansa ukuhamba ngayo edolobheni ngenxa yokuthi ayijiki eduze, akukho khamera nama-sensor akusiza ukuthi upake kahle, yinde futhi izibuko zihlelwa ngesandla. Ubona nangendlela abantu abakubuka ngayo, ngathi uhamba endaweni engafanele.
Lapho efike ikugeze ubebebe khona yisobhuqwini nasemigwaqweni ongeke ucabange ukuthi kungahamba imoto khona. Iphakeme igabade ilishiye ngo-235mm. Ine-approach angle engu-33 degrees ne-departure angle engu-27 degrees.
Uhamba ungasabi ukubhajwa ngoba uhlalela phezulu. Uwubona kahle umgwaqo futhi idonsa ngawo womane amasondo kukhona ne-low range. Ine-diff lock ngaphambili nangemuva. Empeleni yiyo ongayibona izikhathi eziningi itakula ababhajiwe kunokuthi kubhajwe yona.
Inamasondo angu-16 inch nesipele esiwusayizi ofanayo.
Kudizili inamathangi amabili ango-130 litres nokusho ukuthi ungena ugamanxe ephaketheni uma uwagcwalisa. Ngo-100km, bathi idla amalitha angu-11.9 kadizili.
Ngaphakathi izihlalo zithothene ngemuva uma umude uyampintsheka. Inenkombandlela futhi ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay kodwa inkinga ukuthi intambo oxhume ngayo iselula ibuye iphazamise uma ilenga. Uma uthanda nokho, uyixhuma ngeBluetooth.
Lokhu kusiza ukuthi nabezimo eziphuthumayo nabatakulayo abajwayele ukuhamba ngeLand Cruiser bangaduki lapho bebizwe khona futhi bengaphazanyiswa ukubamba iselula ngesandla.
Intengo:
Land Cruiser 79 D/C 4.5 Diesel V8 70th Edition – R952 500
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km, kuthi i-service plan uyifake uma uthanda.