IMOTO: TOYOTA COROLLA CROSS
ISEMININGI imibuzo kubantu ngezimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika yize zingenisa kancane kancane.
Izinkampani eziningi sezizikalele isikhathi sokuthi kuyofika unyaka othile zingasazenzi izimoto ezihamba ngophethroli okanye ngodizili.
KwaToyota nokho benza ezingamahybrid okuyinhlanganisela yenjini kaphethroli nebhethri.
Ngesikhathi ngihamba ngeCorolla Cross abantu bebekhombisa ukuthuka uma bezwa ukuthi ibuye ihambe ngebhethri. Bebebuza ukuthi lishajwa kuphi, aliwudli yini ugesi uma ulishaja, lithatha isikhathi esingakanani ukulishaja neminye imibuzo.
ICorolla Cross Hybrid Xs, eyakhiwa efemini yakwaToyota eThekwini, inenjini kaphethroli enamandla angu-72kW/142Nm bese kuthi ibhethri libe no-53kW/163Nm.
Ibhethri leli awudingi ukulishaja kugesi kepha lizishaja lona uma imoto ihamba, ikakhulu ezindaweni ezehlelayo lapho ungawanyatheli khona amafutha. Alifani nelemoto ehamba ngalo kuphela lona odinga ukulishaja.
Isebenzisa u-gearbox ozishintshayo futhi lapho emandla khona isekongeni uphethroli njengoba ngo-100km bathi idla amalitha angu-4.3. Esikhathini esisichithe naso ibidla angu-5.3 nokuyinto ephansi kahle kulesi sikhathi samanje lapho uphethroli ubiza khona. Kuke kube nesikhathi lapho ihamba khona ngebhethri kuphela ungayizwa noma iduma.
Noma isiduma ayinawo umsindo ngaphakathi uze uwuzwe uma unyathela isishintsha amagiya kwazise iyiCVT.
Emabhampini ayizweli kakhulu futhi okuhle ukuthi iphakeme umgwaqo uwubona kahle.
Ngaphakathi izinga liphezulu njengakwiCorolla Sedan neCorolla Hatch. Injalo nje abagibeli abahlanu bahlala kahle futhi nasebhuthini isikhala sikhulu singu-440 litres. Uyakwazi ukusandisa ngokulalisa izihlalo ngemuva.
Izihlalo ziyisikhumba, inetoutchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto esiphinde siveze ingemuva uma uhlehla, izimbobo ezimbili ze-USB, Toyota Connect nokunye.
Ngaphandle iyabukeka kodwa akuyona imoto egqamayo esixukwini. Inamalambu eLED ngaphambili namafog lamps namarimu angu-17 inch.
Kwezokuphepha inama-airbag omshayeli nomgibeli nawaseceleni, anti-theft system, izicabha ezizikhiyayo, behicle stability control, ABS, EBD neHill Assist Control.
Intengo:
Corolla Cross Hybrid Xs - R413 000
Ifika neservice plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km newarranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili.