IMOTO: OPEL MOKKA
PHAMBILINI i-Opel yayingaphansi kweGeneral Motors (GM) njengoba namhlanje isisenkampanini iStellantis.
IGM yadayisela iPSA Group i-Opel ngo-2017 ngaphambi kokuthi iPSA ihlangane neFiat Chrysler ukuze kwakhiwe iStellantis ngonyaka odlule.
Yize sekunesikhathi i-Opel yaphuma eGM kodwa kunabangakazi nokuyinto engiyizwe ngihamba ngeMokka kukhona oncoma iGM ngokwenza umsebenzi omuhle ngayo.
Njengasezimotweni zakamuva zakwaPeugeot, nayo engaphansi kweStellantis, iMokka yinhle futhi iyawadonsa amehlo.
Inemibala egqamile, inamalambu angama-LED namarimu angu-17 inch nesipele esiwusayizi ofanayo.
Injini ithathwe kwaPeugeot. Ingu-1.2 litre turbopetrol engu-96kW ne-torque engu-230Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-8 speed automatic. Kube nezikhawu lapho ebengizwa sengathi khona inokubambezeleka uma ishintsha ikakhulukazi uma usanda kusuka.
Uma uthanda konke uyakwazi ukuzishintshela ngama-pedal shifters ngemuva kwesiteringi.
InoSport oyenza ishintshe idumele phezulu nesivinini sinyuke ngokushesha. Namagiya uma uzishintshela iphendula masinya.
Wena njengomshayeli uyakitazeka lapho uzizwe sengathi uhamba ngemoto yejubane.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.7 ngo-100km.
Okuhle wukuthi inezokuphepha ezihlanganisa ukuthi isho uma uzoshayisa phambili nokuthi ibhreke.
Umshayeli uyakwazi nokuphumuza izinyawo ngokuthi ayifake ku-adaptive cruise control futhi neziteringi iyakusiza ukuhlala emzileni.
Akugcini ngokuphumuza izinyawo kuphela kodwa isihlalo somshayeli siyakuwotawota ibe ihamba.
I-instrument cluster, obhekana nayo njengomshayeli uyakwazi ukuyishintsha ukuthi iveze ini njengenkombandlela.
Ingaphakathi leli lihle nezihlalo ezinezitishi ezingathi zimhlophe futhi zikwazi ukufudumala. Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system eveza inkombandlela, ingaphandle uma uhlehla futhi uxhuma iselula nge-Apple CarPlay.
Uyakwazi nokushaja ngaphandle kwentambo.
Isikhala ngaphakathi sikhona kodwa hhayi kangako nebhuthi ingu-310 litres.
Intengo:
Opel Mokka 1.2T GS Line R519 900
Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km neRoadside Assistance ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km.