IMOTO: AUDI Q5 ADVANCED S-TRONIC
ABAKWA-AUDI South Africa bavale unyaka odlule bedayise izimoto ezingu-5 712.
Isigaba sezimoto zikanokusho sithwele kanzima ngenxa yokuthi abathengi basaqhubeka nokuthenga izimoto ezibiza kangcono kunazo. Okuyiyona moto edayise kakhulu kube kwa-Audi, yiQ3 okubikwa ukuthi kuthengwe awu-900.
Kuthe sekuyophela unyaka, kwatheleka ethuthukisiwe iQ5, okuyiSUV engaphezulu kweQ3. Kuthe kusenjalo, kwafika iQ5 Sportback yokuqala ngqa. Lokhu kuzoheha abanye babathengi, kwazise lukhona uhlobo lweQ3 oluyiSportback futhi idonsa amehlo abathengi.
IQ5 incintisana nezinye izimoto okubalwa iBMW X3, Mercedes-Benz GLC nezinye.
Ngaphandle ibukeka kahle,kuyacaca ukuthi bathe ukuyithintathinta lapha, nalapha ukuze ihehe. Amalambu angaphambili nangemuva angamaLED, okuthi uma uwakhanyisa kube sengathi “ayadansa”. Ebusuku ungacosha nenaliti futhi ayazikhanyisa, aphinde azicishe , ikakhulu uma kunemoto eqhamukayo.
Esihamba ngayo bayengeze nangezitebhisi emaceleni. Zingikheqe, ngacishe ngavuka phansi, izikhawu eziningi njalo uma ngehla emotweni. Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi ziyajwayeleka.
Inamarimu angu-20 inch, ipanoramic sunroof, netowbar obuye uyivale uma ungayisebenzisi. Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba eziwubala ocream, ezidinga uqaphele ukuze zingangcoli. Ezangaphambili zihlelwa ngogesi futhi uyakwazi ukuzenza zifudumale nesiteringi ngokunjalo.
Engikuthanda ngayo ukuvuleka kwayo ngaphakathi futhi inesikhala sikhulu nasebhuthini lapho esingu-520 wamalitha. Uma ulalisa izihlalo siba ngu-1 520 wamalitha.
Ngaphandle kwesikhala, ngithanda izipikha zeBang & Olufsen ezikhipha umsindo wengoma unjalo.
Uma ungafuni ukushaja ngentambo ye-USB (nangemuva) uyakwazi ukushaja ngokubeka iselula phansi kwendawo yokuphumuza ingalo. Inenkombandlela kanti uyakwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay, i-Audi Virtual cockpit plus namabhathini esiteringini.
Injini ehamba ngayo ingu-2 litre kadizili enamandla angu-140kW netorque engu-400Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7 speed.
Inamandla enele futhi isebenzisana kahle nogearbox. Iyonga ngoba ngo-100km ibidla amalitha angu-7.6 ethangini layo elingu-65l.
Emakhoneni iyabambelela, ushaya amajika aseNdundulu, kungabi ndaba zalutho usale uhleka wedwa. Inamadrive mode ahlukene okubalwa kuwo uDynamic, Comfort, Off-road no-All-road. Uthi uma uwathinta ishintshe nendlela ususpension oyiyo yehle noma iphakame kwazise ine air-suspension.
I-air suspension yenza amabhampu uwezwe ngendaba ngisho obhuqwini.
Iyathandeka iQ5 inkinga ukuthi ezinye izinto ozengezayo zigcina sezikhuphula intengo njengakule ezibiza uR311 500 ziyenza ibize uR1 182 500.
Intengo:
R871 000
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.