IMOTO: HYUNDAI i20
KUSUKELA kutheleka iHyundai i20 yokuqala ngqa eNingizimu Afrika ngo-2009, kudayiswe angaphezu kuka-106 712 nokukhombisa ngokusobala ukuthandwa kwayo.
I-i20 ibangwa ngabathengi neVW Polo, iCitroen C3 esanda kuthuthukiswa, Suzuki Baleno nezinye. Ngaphandle kokuthengwa ngabantu abayisebenzisela imindeni, iphinde ibe yinyama ezinkampanini eziqashisa ngezimoto.
Kulula ukusheshe uyibone i-i20 entsha ngoba ihluke kakhulu kunendala ngendlela ebukeka ngayo. Ithe ukuba nkundlwana yase iba yinde mbijana futhi. Izinto efika nazo zishiyana ngokwezinhlobo njengoba ziyisishiyagalolunye. Kukhona ezinemibala ezihlukene kabili, amarimu angu-16 inch kuthi enye ibenamakhava angu-15 inch.
Ngaphakathi ivulekile bese kuthi ngaphambili yakhiwa kamnandi kwagqama iscreen esingu-8 inch se-infotainment system osithola kuzona zonke izinhlobo. Lapha ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Phakathi kwezinto enazo kubalwa izibuko ezivaleka ngogesi emaceleni, indawo yokushaja iselula ngaphandle kwentambo, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, indawo yokushaja ngemuva, isiteringi esinamabhathini okulawula umsakazo necruise control.
IHyundai i20 entsha inezinhlobo zezinjini ezintathu. Kukhona entsha engu-1.0 T-GDi enamandla angu-90kW netorque engu-172Nm. Uyithola ngogearbox oyi-7 speed DCT okanye ozishintshayo oyi 6-speed. Enye ingu-1.2 litre enamandla angu-61kW netorque engu-115Nm nogearbox oyi-5 speed oshintshwayo.
Eyokugcina iyi-1.4 litre namandla angu-74kW netorque engu-133Nm. Isebenzisa ugearbox ongumshini ozishintshayo oyi-6 speed.
Ngakwezokuphepha ifika nama-airbag ayisithupha ngaphakathi, Anti-lock Braking System (ABS) ne-Electronic Brake-force Distribution (EBD).
Intengo:
1.2 Motion manual:R275 900
1.4 Motion automatic:R305 900
1.2 Fluid manual:R289 900
1.2 Fluid manual – 2-Tone:R294 900
1.0 TGDI Fluid manual:R330 900
1.0 TGDI Fluid manual – 2-Tone:R335 900
1.0 TGDI Fluid DCT: R355 900
1.0 TGDI Fluid DCT – 2-Tone:R360 900
Ifika neservice plan yeminyaka emine noma u60 000km, roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u150 000km newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u200 000km.