UCWANINGO olwenziwe yiRoad Traffic Management Corporation (RTMC), lukhomba ukuthi iVolkswagen Polo yiyona moto ebandakanyeka kakhulu, ezingozini ezibulala abantu eNingizimu Afrika.
Ucwaningo, olubizwa ngeSouth African Fatal Crashes in Context, beluphenya ngezingozi lapho kufe abantu kuzo nezenzeke phakathi kuka-Okthoba 1 2017 noJuni 30 2021. Lubheke nabashayela ngesivinini phakathi kukaJanuwari 1, 2019 noJuni 30, 2021.
“Zingu-48 330 izimoto ezibandakanyeke ezingozini ezidlule nemiphefumulo ezingu-37 583, kwashona abantu abangu-45 232.”
Ucwaningo luthi u-53.8% wezingozi okufe kuzo abantu, uthinta izimoto ezilayisha abagibeli abangaphansi kuka-12, kulandele ezincane zokulayisha impahla ezinesisindo esingaphansi kuka-3500kg zona ezibe ngu-25.1%. Izimoto ezikulezi zigaba, yizo futhi ezithole kakhulu amathikithi esivinini esiphezulu.
Ngosohlangothini lwezinkampani ezikhiqiza izimoto, inkampani ebenezimoto ezibe sezingozini kakhulu kwashona abantu, yiToyota ngo-30.8%, kulandele iVolkswagen ngo-15.9%, kube yiFord ngo-9.6%, iNissan ngo-8.3%, yiHyundai ngo-6.3%, iMercedes-Benz ngo-5.6%, BMW ngo-4.6%, Isuzu ngo-3.8%, Opel ngo-3.7% neMazda ngo-3.2%.
Ngokohlobo lwezimoto, yiVW Polo ebe sezingozini ezidlule nemiphefumulo kakhulu ngo-16.7%. Ilandelwa yiToyota Hilux ngo-14.2% kube yiToyota Quantum ngo-12.2%, iToyota Corolla ngo-9.0%, Isuzu KB ngo-6.6%, Volkswagen Golf ngo-6.5%, Ford Ranger ngo-5.3%, BMW 3 Series ngo-3.3%, Toyota Hiace ngo-2.9% neNissan NP200 ngo-2.7%.
Okhulumela iVolkswagen Group South Africa, u-Andile Dlamini, utshele Isolezwe ukuthi vele uma udayisa izimoto eziningi, zizoba ziningi eziba sezingozini.
“Kufana nokuthi iVW neToyota zebiwa kakhulu. Yingoba yizona vele eziningi. Akukho okuningi esingakuphawula ngalo mbiko ngoba ayikho into engingayibeka njengesizathu sezingozi futhi angazi noma amaPolo amasha noma amadala yini okukhulunywa ngawo,” kusho u-Andile.
Umbiko uthe yize kungamukelekile kodwa bekungalindeleka ukuthi iQuantum neHiace, kube yizo eziba sezingozini kakhulu ngenxa yokuthi isikhathi esiningi zisemgwaqweni futhi zihamba amakhilomitha angaphezulu kwesigidi. Okunye abashayeli bazo bangazithola besezimeni ezahlukene zomgwaqo futhi babanjwe nawukukhathala.
“Ukuba phezulu kokuthola amathikithi kwezimoto ezithutha umphakathi njengeToyota Quantum neToyota Hiace akwamukelekile futhi kumele kuthathelwe izinyathelo.”