UKULALELA imibononezimfuno zabantu yikho abakwaFord Motor Company abathi bakusebenzise kakhulu ukwakha iFord Ranger entsha evezwe okokuqala emhlabeni ngoLwesithathu ekuseni.
IRanger entsha izokwakhiwa efemini yakwaFord eSilverton, ePitoli, naseThailand kusuka ngonyaka ozayo bese idayiswa kuleli nakwamanye amazwe.
Izintatheli zezimoto ezikethekile zamazwe omhlaba, okukhona kuzo nombhali walolu daba, zithole ithuba lokuyibona okokuqala izolo nalapho izikhulu zale nkampani bezichaza kabanzi khona ngayo. Zonke izikhulu ebezihola amathimba abeyakha ziqhakambise ukuthi zithathe kakhulu okushiwo ngabantu ukuze ziphume naleli veni.
Ziveze ukuthi iRanger kumele ikwazi ukufeza izidingo zabo bonke abantu kwazise amaveni akusewona kuphela awokusebenza kepha kukhona nabanye abawasebenzisa njengezimoto zansukuzonke.
IRanger entsha ifika namalambu angamaLED kanjalo namamatrix LED headlights okokokuqala ngqa. Umzimba wonke ngaphandle unamalambu abathi enza kube lula uma kumele ushintshe isondo (elinamarimu aphakathi kuka-17 no-20 inch) ebusuku noma uzikhiphele endle ukwazi ukubona konke okusondela eduze nemoto. Kukhona nekhamera eveza umzimba wonke ngaphandle.
Ngemuva eceleni kunesitebhisi abathi senza kube lula ukungena esikhenkeni. Ububanzi bemoto buvulwe ngo-50mm abathi kuvule isikhenke. Newheelbase ilulwe ngo-50mm.
Ngaphakathi kugqame itouchscreen infotainment system entsha enkulu (engu-10.1 noma u-12 inch) nokwenza kungabi khona amabhathini amaningi. Kukhona nedigital instrument cluster engagcini ngokuveza ijubane kodwa namadrive modes osuke uhamba ngawo.
Izihlalo zangemuva zinendawo yokufihla izinto ngaphansi futhi uma uthanda uyakwazi ukuzigoqa.
Izinjini zihlukene kane – ezintathu zikadizili neyodwa kaphethroli. Eseqhulwini kadizili ingu-3.0 V6 (ethathelwe kwiF-150).
“Kunabafuna amandla netorque uma bedonsa inqola. Kusuka uyidumisa uyayizwa iduma ngendlela ehlukile. Namandla iwathumela kalula.”
Ezinye zikadizili zingu-2.0l four-cylinder futhi kuneneturbo eyodwa nenamabili.
Ekaphethroli ingu-2.3 litre EcoBoost etholakala nakwiFord Mustang.
Kuthiwa ugearbox kukhona ozishintshayo oyi-10 speed ne-6 speed kanjalo noshintshwayo oyi-6 speed.
Isuspension bathi bayithuthukisile ukuze ibe ntofontofo kungakhathalele ukuthi ithwele noma ayithwele. Emgwaqeni bathi ihamba ngathi yimoto encane noma uyifaka obhuqwini ikwazi ukumelana nalo.
Eyi-4x4 ukwazi ukuyishiya idonsa ngawo womane amasondo etiyeleni nasobhuqwini uma uthanda.
Imininingwane yezinhlobo ezizodayisa eNingizimu Afrika izoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi.