IMOTO: TOYOTA COASTER
INGENA iyagamanxa esigabeni sezimoto ezithutha umphakathi iToyota ethule ibhasi elisha iCoaster elayisha abagibeli abangu-23.
ICoaster yethulwa okokuqala eNingizimu Afrika emuva kokutholakala kwamanye amazwe kusuka ngo-1969. Leli bhasi lingena phakathi kweQuantum elayisha abagibeli abangu-300 nebhasi elikhhulu lakwaHino okuyinkampani yakwaToyota.
ICoaster ekhona manje ngeyesizukulwane sesine neyaqala uukudayisa kusuka ngo-2017. Itholakala kuphela ngombala omhlophe futhi ilayisha abagibeli abangu-23 okubalwa kubo nomshayeli njengeVW Crafter neMercedes-Benz Sprinter.
Ngaphakathi ineWi-Fi njengazo zonke izimoto zakwaToyota zakamuva, inesiteringi okwazi ukusihlela ukuthi sime kanjani nomsakazo onembobo ka-Aux ne-USB'.
Leli bhasi linenjini engu-4 litre turbodiesel enamandla angu-100kW netorque engu-353Nm. Idonsa ngamasondo angemuva ngogearbox oyi-5 speed oshintshwayo.
Intengo
Coaster 4.0D 5MT LWB - R899,900
Ifika neservice plan yamasevisi ayisithupha noma u-60 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.