ITOYOTA South Africa Motors (Tsam) ithi isazodonsa kanzima ngesitokwe sezimoto zayo ezakhiwa kuleli ngenxa yomonakalo odalwe wuzamcolo efemini yayo eseProspecton, eThekwini, muva nje.
I-Tsam ithe imvula eyashiya kukhalwa eThekwini yangena nasefemini yayo.
“Silindele ukuthi kube nezingqinamba ngesitokwe sezimoto esizakha kuleli njengeHilux, Fortuner, Corolla Cross neQuest, Hiace Ses’fikile kanjalo nezinye izinhlobo zamaHino,” kusho uLeon Theron oyisikhulu kwezokuDayisa nokuMaketha.
Unxuse amakhasimende ukuthi ababekezelele futhi waqinisekisa ukuthi bayawasukumela ama-oda abo ezimoto.
I-Tsam idayise izimoto ezingaphansi kuka-10 000 ngo-Ephreli okube ngokokuqala selokhu kuqale unyaka. Idayise izimoto ezingu-8 952. ICorolla Cross, eketule iVW Polo ngokuthengwa kakhulu esigabeni sezimoto ezincane, ama-passanger car ngoMashi, kuthengwa angu-2 384, yehlile njengoba kudayise angu-1 421. Imoto ekhonyayo manje kulesi sigaba yiSuzuki Swift okuthengwe angu-1 621.
INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe amaholidi amaningi ngo-Ephreli aphazamise ukudayisa. Ithe naphezu kwezikhukhula eziphazamise ukusebenza KwaZulu-Natal nokuvalwa isikhashana kwefemu yakwaTsam, ukuthengwa kwezimoto kuyaqhubeka nokuba ngcono.
Ithe ngo-Ephreli izimoto ezidayisiwe zibe ngu-37 107. Yisibalo esinyuke ngo-1 516 noma u-4.3% uma kuqhathaniswa no-35 591 owadayiswa ngo-Ephreli wonyaka odlule. INaamsa ithe izimoto ezidayiswe ngaphandle zona zandile. Zibe ngu-30 788 okuyisibalo esinyuke ngo-4 248 noma u-16,0% uma kuqhathaniswa no-26 540 owaphuma ngesikhathi esifanayo nyakenye.
INaamsa ithe ngaphezu komthelela weCovid-19, ikakhulukazi eChina, ukushoda kwama semi-conductors kanjalo nempi yaseRussia ne-Ukraine, izikhukhula zizozwela ekudayiseni kwezimoto esikhathini esizayo.
Nazi izimoto ezidayise kakhulu:
Toyota Hilux – 2 788
Suzuki Swift – 1 621
VW Polo Vivo – 1 547
Toyota Corolla Cross - 1 421
VW Polo - 1 320