ISIKHULU esiphezulu sakwaToyota South Africa Motors (Tsam), u-Andrew Kirby, siqagula ukuthi sizoqhubeka nokunyuka isibalo sezimoto ezizodayiswa eNingizimu Afrika kulo nyaka.
Ngonyaka odlule uKirby waqagula ukuthi izimoto ezizodayiswa zizoba ngu-460 000 kwagcina kudayiswe ezingu-464 469.
Uthe kulo nyaka izimoto ezizodayiswa zizoba ngu-540 000. U-2022 uqale kahle njengoba ngokwezibalo zeNaamsa kuvela ukuthi ukudayiswa kwezimoto kunyuke ngo-19.5% ngoJanuwari uma kuqhathaniswa nenyanga efanayo ngonyaka odlule zaba ngu-41 382.
“Izimoto ezincane zizoba ngu-334 800, ezingama light commercial vehicle zizoba ngu-178 198 bese kuthi amaloli aphakathi namakhulu abe ngu-27 002,” kusho uKirby.
UKirby ubekhuluma esithangamini iState of the Motor Industry (Somi) obekungesesihlanu besisingatha eKyalami Racetrack, eGoli, ngoLwesine.
Uthe ukuntenga komnotho nokushoda kwamaphathi kusazoqhubeka kube yinkinga.
Isikhulu sakwaToyota Research Institute (TRI), uGill Pratt, ebesikhuluma kakhulu ngezinhlelo zale nkampani zezimoto ezihamba ngogesi futhi ezingayingcolisi imvelo, sithe ukugqoza kwengqalasizinda kusaqhubeka nokuba yinkinga emhlabeni jikelele. Uthe ziyashoda izindawo zokushaja izimoto.
Kuphinde kwavezwa izimoto ezintsha ezokwethulwa yiToyota neLexus kulo nyaka okubalwa kuzo iToyota Hilux GR-Sport enamandla enyusiwe aba ngu-165kW netorque engu-550Nm futhi yathintswa nesuspension. Ezinye yiCorolla Cross GR, RAV4 VX Hybrid, Lexus LX, NX neLS 500 Hybrid.