IMOTO: KIA SONET
Kungakapheli sikhathi esingakanani kwaKia South Africa bethule iSeltos ethuthukisiwe, sebelandelise ngeSonet nayo ethuthukisiwe.
ISonet iqale ukudayisa kusuka ngoMeyi 2021 eNingizimu Afrika izobangisa izimoto ezifana neVW T-Cross.
Isikhulu sakwaKia esesishenxa, uGary Scott, sithe ayikaze idayise ngendlela abafuna ngayo ngoba isitokwe bebeba naso baphinde bangabi naso.
Ngokocwaningo lwabo ithengwa kakhulu ngabesifazane abamnyama abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-35 kanjalo nabesilisa abamhlophe abaneminyaka engaphezu kuka-51.
Njengoba kungokokuqala ithuthukiswa, uScott uthe banethemba lokuthi lizondlondlobala idumela layo.
Ifika nengaphambili elishintshile kubhampa, amalambu nakwibhonethi. Kukhona namarimu amasha. Ngemuva nakhona bayishintshe kubhampa, ebhuthini nakumalambu.
Ngaphakathi bathe abafuni ukumosha izinto ezisebenzayo nokuyingakho bengenzanga lutho olutheni.
I-wheelbase isafana ingu-2 500mm. Ibhuthi ingu-385 litres.
Ngaphandle kokushintshwa kwendlela ebukeka ngayo kuphinde kwethulwa nenhlobo entsha iSX ehleli esicongweni somndeni.
Kukhona iLX efika namasondo angu-16 inch, amawindi kagesi, air-con ne-touchscreen infotainment system engu-8 inch.
I-EX yona yengezwe ama-sensor ngemuva nama-fog lamps, ama-roof rails, izibuko ezihlelwa ngogesi eceleni ezinama-indicator, amaLED daytime running lights, Isiteringi negiya okunekhava yesikhumba.
Kwi-EX Plus kufakwe amarimu angu-16 ahlukile, i-touchscreen infotainment system ngu-10.25 inch ne-10.25 inch instrument cluster, isikhumba sokwakhiwa ngaphakathi nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo.
I-SX entsha yona ifika nakho konke okutholakala kwi-EX Plus kwase kwengezwa nezokuphepha ezihlanganisa ukuthi isho uma kunemoto eseceleni, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyakusiza ukugwema ingozi ngaphambili namalambu angamaLED.
Izinjini okukhethwa kuzo uma uthenga iSonet zimbili – engu-1.5 litre engenayo i-turbo kanjalo nengu-1.0 litre ene-turbo zombili zikaphethroli.
Engu-1.5 litre three-cylinder inamandla angu-85kW ne-torque engu-144Nm bese kuthi engu-1.0 litre iyi-four-cylinder futhi inamandla angu-88kW ne-torque engu-172Nm.
Ugearbox uyi-5 speed manual noma iCVT kwi-1.5 kuthi kwi-1.0 kube yi-7 speed dual clutch transmission.
Intengo:
Kia Sonet 1.5 LX Manual: R 366,995
Kia Sonet 1.5 LX CVT: R 391,995
Kia Sonet 1.5 EX CVT: R 411,995
Kia Sonet 1.0 T-GDi EX DCT: R 436,995
Kia Sonet 1.5 EX Plus CVT: R 454,995
Kia Sonet 1.5 SX CVT: R 484,995
Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance kanjalo ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km.