IMOTO: VOLKSWAGEN TIGUAN
EKUPHELENI kuka-Agasti, kuzobe kuhlangana iminyaka emihlanu kwethulwa iVolkswagen Tiguan entsha eNingizimu Afrika.
Eyokuqala yafika ngo-2008 ngemuva konyaka yethuliwe phesheya futhi kuthiwa sekudayiswe angaphezu kwezigidi eziyisithupha. Ukuthandwa kwayo kudale ukuthi kwengezwe ethe ukuba nkundlwana ngo-2018 i-Allspace, elayisha abagibeli abayisikhombisa.
Ngonyaka odlule kuleli kudayiswe amaTiguan angu-4 280 nokwenza abengaphezu kuka-41 000 kusuka yaqala ukutholakala. KwaVolkswagen sebeyithuthukisile iTiguan. Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiTiguan, Tiguan Life neTiguan R-Line. Bashintshe indlela ebukeka ngayo base bengeza nezobuchwepheshe.
Ingaphambili balenze kabusha kwigrille nakubhampa. Amalambu ayiLED bawathintile futhi manje usukwazi nokufaka amaMatrix LED. Akhanyisa kube sengathi yisemini futhi uma kunemoto phambi kwakho ayadima ngakuyo, akhanyise kakhulu emaceleni.
Ezinhlangothini kushintshwe osayizi bamarimu baphakathi kuka-17 inch no-19 inch (20 uma uthanda). Emzimbeni kunemibala emisha abayibiza ngeGinger brown, Kings red, Lapiz blue, Night shade blue noDolphin grey.
Ngemuva uzoqaphela ukuthi igama liqoshwe phakathi nendawo njengezimoto zakamuva zakwaVW, bese kuthi amalambu angamaLED abene-indicator ekhanya sakudweba umugqa.
Ngaphakathi isiteringi sisha sinamabhathini owathinta uzwe umunwe uqhaqhazela, nokunikeza isiqiniseko sokuthi lithintekile. Amabhathini ngawokunyusa nokunciphisa umsindo nokushintsha indlela i-instrument cluster ebukeka ngayo.
ITiguan neTiguan Life ifika necomposition radio nezipikha eziyisishiyagalombili bese kuthi iTiguan R yona ibe necomposition media radio with App connect ne-aircon engenazinkinombo oyisetha kwiscreen. Uma uthanda ufaka iHarmon Kardon sound system okungokokuqala ngqa itholakala ezimotweni zakwaVW nengena esikhaleni seDynAudio Premium sound system.
Uma uthanda ufaka ipaniramic sunroof, into yokudonsa inqola, Discover pro entertainment system, Heads-up display, amakhamera aveza umzimba wonke, Black style package eshintsha amaroof rail abe mnyama nezibuko namarimu angu-20 inch ne-IQ drive package ehlanganisa i-adaptive cruise control, lane assist, park assist ne-autonomous emergency braking.
Njengamanje izinjini zihlukene kathathu akusafani nasekuqaleni futhi nogearbox oshintshwayo owukho.
Kukhona i-1.4 TSI enamandla angu-110kW netorque engu-250Nm. Ifika negearbox ewu-6 speed DSG.
Eyesibili inenjini yeGolf GTI engu-2.0 TSI ekhahlela 162kW no-350Nm. Isebenzisa igearbox ewu-7 speed DSG.
Eyokugcina ezofika ngaphambi kokuphela konyaka ngekadizili engu-2.0TDI efuqa 130kW no-380Nm kanti isebenzisa i-7 speed DSG.
Sithole ithuba lokuhamba ngaleyo efuqa u-162kW. Amandla awashodi futhi emgwaqweni iyabambelela kwazise idonsa ngawo womane amasondo. Inamadrive modes ahlukene nawokuhamba obhuqwini. Yize amarimu engu-20 inch ngiyizwe intofontofo futhi ithule ngaphakathi. Kumele uyifake isunroof ngoba iyenza ibe yinhle kakhulu.
Ngakwezokuphepha iyakwazi ukukusiza ukuthi uhlale emzileni futhi ibhreka ngokushesha uma kunento engakuphazamisa phambi kwemoto.
Intengo:
1.4 TSI 110kW R521 000
1.4 TSI 110kW DSG® Life R587 200
1.4 TSI 110kW DSG® R-Line R644 500
2.0 TSI 162kW 4MOTION® DSG® R-Line R710 000
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.