ISUZUKI Auto South Africa iqinisekise ukuthi izotheleka ekuqaleni konyaka ozayo iGrand Vitara esanda kwethulwa emhlabeni jikelele.
Ibonakale okokuqala kuleli embukisweni wezimoto iFestival of Motoring, eKyalami Grand Prix Circuit, eGoli, ngempelasonto.
KwaSuzuki bathi yibo abaqhamuke nayo yize yakhiwa efemini yeToyota e-India njengoba kuyizinkampani ezinobudlelwano.
Inenjini entsha eyi-hybrid engu.1.5 litre ehlanganisa injini kagesi nophethroli kanjalo nejwayelekile engu-1.5 litre kaphethroli.
Kuzoba khona nene-AllGrip Select, okusho ukuthi idonsa ngamasondo amane futhi kuzoba nama-driving modes ahlukene.
Yimoto ezoba ngumakhonya kwezakwaSuzuki. Inezinto okubalwa kuzo amalambu angamaLED, cruise control, ama-airbag ayisithupha, ikhamera eveza wonke umzimba ngaphandle, touchscreen infotainment system nokunye.
Kuwona umbukiso iVolvo Car South Africa yethule iXC60 plug-in hybrid eshuniwe eyiteketisa ngeBeast 2.0.
Isuselwe kwiXC60 T8 R-Design AWD. Inamandla angu-340kW ne-torque engu-709Nm. Bayishintshe injini ne-gearbox indlela eshintsha ngayo futhi nendlela eduma ngayo ishintshile, kwazise bayifake izinqawe ze-sport.
Inekhamera eveza umzimba wonke, head-up display, izihlalo ezikuwotawotayo nokunye.