IMOTO: TOYOTA COROLLA
INTANDOKAZI yemoto yakwaToyota, iCorolla, isinelungu elisha lomndeni, iCorolla Cross.
Ukwethulwa kweCross kusho ukuthi zine izinhlobo ezikhona emakethe okuyiCorolla Hatch, Corolla Quest, Corolla Sedan nayo.
Okuhle ngayo ukuthi yakhiwa efemini yale nkampani eseThekwini nokudale inqwaba yamathuba omsebenzi.
Yakhelwe phezu kwesisekelo seToyota New Global Architecture okuyiso esisebenza nakwiCorolla esemakethe manje, iC-HR, RAV4 nezinye izimoto zale nkampani.
Ngaphandle akuyona imoto egqamayo njengoba ivele ingene khaxa kwezinye izimoto emgwaqweni kube yingcosana, uma ikhona, enakayo ukuthi uhamba ngemoto entsha.
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiXi, okuyiyo ekufaka emndenini, iXs ephakathi neXr okuyiyo efika nakho konke.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa osayizi bamarimu kukhona u-17” no-18”, amaLED headlight nama-fog light nama-wiper azishayayo uma lina izulu.
Ngaphakathi ivulekile njengeCorolla encane futhi iqinile kwazise iToyota yaziwa ngokwakha izimoto ezibekezelayo.
Emgwaqweni ayinamsindo wangaphandle futhi amabhampa yenza ukuthi ungawazweli kangako.
Inezihlalo zesikhumba, toutchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto esiphinde siveze ingemuva uma uhlehla, izimbobo ezimbili ze-USB, Toyota Connect nokunye.
Emgwaqeni izinjini zimbili. Kukhona ekaphethroli neyi-hybrid, nokungokokuqala ukuthi kwakhiwe imoto enayo kuleli.
Zombili zingu-1.8 litre. Ekaphethroli wodwa inamandla angu-103kW ne-torque engu-173Nm. Isebenzisa u-gearbox ozishintshayo oyiCVT “onamagiya” ayisikhombisa aya phambili.
Eyi-hybrid inenhlanganisela yenjini kaphethroli nebhethri elizishajayo. Injini kaphethroli inamandla angu-72kW/142Nm bese kuthi ibhethri libe no-53kW/163Nm. Nayo isebenzisa u-gearbox ozishintshayo futhi lapho emandla khona isekongeni uphethroli njengoba ngo-100km bathi idla amalitha angu-4.3.
Inenqwaba yezokuphepha njengama-airbag, vehicle stability control, ABS, adaptive cruise control, blind spot monitoring, lane keep assist nokunye.
Igama elithi Corolla laziwa ngabaningi nokuyinto ezodoba abathengi abangeke baphoxeke ngoba isezingeni layo futhi izimoto eziphakeme ziyintandokazi manje.
Intengo:
•Corolla Cross 1.8 Xi - R 349 900
•Corolla Cross 1.8 Xs - R 390 100
•Corolla Cross 1.8 XR - R 425 400
•Corolla Cross 1.8 Hybrid Xs - R 413 000
•Corolla Cross 1.8 Hybrid XR - R 448 300
Ifika ne-service plan yamasevisi ayisithupha noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km. Ibhethri line-warranty yeminyaka eyisishiyagalombili.