IMOTO: RENAULT CAPTUR
INKINGA yesitokwe nokuthuthwa kwezimoto ziya kwamanye amazwe ikakhulu izinkampani eziningi kulezi zinyanga ezedlule ibhebhethekiswe nawukubheduka kwempi yeRussia ne-Ukraine.
IRenault ingenye yazo izinkampani ezibhekane nenkinga. Lokhu kwenze ukuthi kubambezeleke ukwethulwa KweCaptur kuleli.
Iqale ukuvela ngo-2019 futhi kwaba nemibiko yokuthi iza eNingizimu Afrika ngo-2020. Nanyakenye igcine ingafikanga.
Zonke izinkinga kwaRenault South Africa bathi sezingumlando ngoba nesitokwe sikhona nesezimoto okubalwa kuzo iClio, eyakhiwa eSpain nayo iCaptur.
ICaptur iqale ukudayisa ngo-2013 emazweni ahlukene futhi sekuthengwe ezingaphezu kuka-1.5 million. Kuleli kuthengwe ezingaphezu kuka-11 500.
Entsha ihlukene ngezinhlobo ezimbili – yiZen ne-Intens. Zombili zinenjini eyodwa engu-1.3 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-113kW netorque engu-270Nm.
Ugearbox ungumshini ozishintshayo oyi-7-speed Efficiency Dual Clutch (EDC). Ngo-100km/h bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.6.
Ngiyishayele isikhathi esincane lapho ebizwakala intofontofo. Namandla enza iyithwale kahle futhi nomsindo wangaphandle uyimbijana ngaphakathi.
Ngaphandle iCaptur ishaya ngamaLED daytime running lights amise okuka-C. Nangemuva amalambu ame kanjalo.
Igabade ilishiye ngo-174mm.
Ngaphakathi uma uke wabona iClio entsha ngeke ikudide futhi izinga liphezulu. Isivulekile njengoba ne-wheelbase isiyinde kunendala. Ibhuthi ingu-404 litres kodwa uma uyisa izihlalo zangemuva phambili iba ngu-536 lites.
Uma ulalisa izihlalo isikhala siba ngu-1 275 litres.
IZen inamakhava angu-17 inch emasondweni nengicabanga ukuthi bebengenza kube ngamarimu noma engafani nawe-Intens, yi-7 inch touchscreen infotainment system enenkombandlela, ikhamera eveza ingemuva namasensor ngemuva nangaphambili.
I-Intens ngakolunye uhlangothi yona ifika nokuningi. Inamarimu angu-17 inch, inokhakhayi olumnyama nomzimba ohlukile, inendawo yokushaja ngaphandle kwentambo, amadrive modes amathathu, icentre console ephakeme, digital instrument cluster, isiteringi sesikhumba esifudumalayo netouchscreen infotainment system engu-9.3 inch enenkombandlela.
KwaRenault baneKiger encintisana namaSUV amancane okubalwa kuwo iNissan Magnite, Toyota Urban Cruiser, Suzuki Vitara Brezza namanye.
ICaptur yona bathi incintisana neVW T-Cross, Haval Jolion nezinye.
Intengo:
Renault Captur 1.3L Turbo EDC Zen - R454 999
Renault Captur 1.3L Turbo EDC Intens - R 499 999
Ifika newarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, iservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha