IMOTO: TOYOTA COROLLA CROSS
IZOQALA ukudayisa esikhathini esingaphansi kwezinsuku ezingu-99 imoto entsha yakwaToyota, iCorolla Cross, eyakhiwa efemini yale nkampani eseProspecton, eThekwini.
Ekuqaleni kuka-2020 iToyota yamemezela ukuthi izotshala u-R2.43 billion efemini yayo ukulungiselela ukuqala kokwakhiwa kwale moto ngaleso sikhathi okwakungakamenyezelwa ukuthi yiyiphi.
Ngokuhamba kwesikhathi kwagcina kuvela ukuthi yiToyota Corolla Cross futhi kuzoba ngokokuqala ukuthi kule femu kwakhiwe imoto enenjini eyi-hybrid.
Ukufika kwayo kuzobe kusho ukuthi zine izinhlobo zeCorolla ezikhona emakethe nokuyiyo, iQuest, iHatch neSedan.
NgokweToyota, iCorolla iyaqhubeka nokushintsha ukuze ihambisane nezidingo zabantu basezindaweni edayisa kuzo.
"Ngokwengeza inhlobo entsha yeCorolla ukumelana nesidingo samaSUV, ukwengezwa kwamaCorolla kunikeza amakhasimende ithuba lokukhetha inhlobo ngokwezidingo nezigaba zabo zempilo."
I-Corolla Cross izongena ngaphezu kweC-HR futhi ngaphansi kweRAV4 emndenini wakwaToyota.
Yakhelwe phezu kwesisekelo esibizwa ngeToyota New Global Architecture (TNGA) Platform esenza ukuthi ibe ntofontofo ngaphakathi kodwa ikwazi ukubambelela. Isikhala ngaphakathi isenza sibe sikhulu futhi ibe yinhle.
Okunye kwaToyota abakuqhakambisa ngalesi sisekelo ukuthi umsindo ngaphakathi mncane futhi ayizweli kakhulu emabhampini.
Lesi sisekelo sesivele siyasetshenziswa kwiCorolla Hatch neSedan ekhona emakethe njengamanje kanjalo nakwiPrius neC-HR.
Ukufika kweCorolla Cross kuqondana nokuqopheka komlando kwiCorolla. KwaToyota bathi kulo nyaka kuzodayiswa iCorrolla ka-50 million mhlabeni jikelele. Eka-10 million yadayiswa ngo-1983, eka-20 million yadayiswa ngo-1994, ngo-2005 bashaya u-30 million nokuthe ngo-2012 kwadayiswa eka-40 million.
I-Corolla idayisa emazweni angaphezu kuka-150 emhlabeni jikelele.
Imininingwane ephelele ngeCorolla Cross sizoyibika uma isiyethuliwe.