IMOTO: BMW X3 xDrive20d M Sport
IBMW X3 isiphenduke intandokazi yemoto yakwaBMW eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.
Lokhu ngikusho ngoba kuvela ukuthi ngonyaka odlule lapha eMzansi kudayiswe angaphezu kuka-2 400. Uzokhumbula ukuthi ngasekuqaleni konyaka odlule kwenziwe iX3 Mzansi Edition ngoba phela le moto yakhiwa kuleli zwe kusukela ngo-2018.
Kuthe sekuyophela unyaka kwase kwethulwa ethuthukisiwe. Izinguquko zithinta ingaphambili kwi-grille esinkudlwana kunendala, amalambu angamaLED.
Amarimu aseqala ku-19 inch hhayi ku-18 inch njengakuqala kodwa lena yiM Sport okusho ukuthi inamarimu angu-20 inch.
Indlela izinqawe ngemuva ezimi ngayo zishintshile kanjalo namalambu.
Okhakhayini ine-sunroof enkulu eyenza kungene kahle ukukhanya ngaphakathi. Lokho akuyona into ekugqamelayo uma ungaphakathi kepha kukhona ne-touchscreen infotainment system engu-12.3 inch. Usuyithola ngaphandle kokwengeza imali. Yilapho ubona khona inkombandlela, udlala umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo nokunye.
Uzwa uthinta kwi-dashboard ukuthi izinga liphezulu nokuyinto ongayilindela emotweni yaseJalimane.
I-digital instrument cluster ikukhombisa yonke imininingwane ngohambo lwakho.
Izihlalo ohlala kuzo nabagibeli bakho ziyisikhumba futhi ivuleke kahle ngaphakathi nebhuthi ingu-550 litres okuthi uma ulalise izihlalo ibe ngu-1 600 litres.
Indlela ehamba ngayo emgwaqweni ingenye yezinto eziyenza ibe yimoto esezingeni eliphezulu.
Inenjini engu-2 litre kadizili enamandla angu-140kW ne-torque 400Nm. Isebenzisa ug-earbox ozishintshayo oyi-8 speed futhi idonsa ngawo womane amasondo.
Ihamba buthule awuzwa msindo wangaphandle futhi uma ungazi ngeke uzwe ukuthi udizili. Intofontofo yize ungeke uyibeke ezingeni le-Audi Q5 ene-air suspension.
Amandla awashodi nakancane. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-8 kuthi ijubane elikhulu kube ngu-213km/h.
Udizili ungathi iyawuhogela kuphela. Uma igcwele ethangini layo elilinganiselwa ku-68 litres ungahamba cishe amakhilomitha asondele ku-1 000. Ngike ngihamba angu-623 yathi ngisengahamba amanye angu-340. Ngehla ngayo ngisuka eGoli ngize eThekwini ibisebenzisa angu-5.9 ngo-100km.
Intengo:
BMW xDrive20d M Sport - R 1 030 000