IMOTO: JEEP GRAND CHEROKEE L
SEKUPHELE iminyaka engu-10 iJeep yagcina ukwethula iGrand Cherokee entsha njengoba eyokugcina yafika ngo-2011.
Entsha efikile ingeyesihlanu njengoba eyokuqala yethulwa ngo-1993.
Uma uqaphela igama layo selijotshelelwe ngoL nokusho ukuthi isiyinde kwazise kungokokuqala emlandweni ukuthi ifike nezihlalo ezifinyelela kweziyisikhombisa.
IGrand Cherokee L ihlukene ngezinhlobo ezintathu – yiLimited, Overland neSummit Reserve.
Zonke zinenjini ejwayelekile ezimotweni zakwaJeep kaphethroli engu-3.6 litre V6. Inamandla angu-210kW ne-torque engu-344Nm no-gearbox oyi-8 speed automatic.
Emgwaqweni ihamba kamnandi ngenxa yokuthi bayigaxe i-air suspension eyenza ukuthi ingawazweli amabhampu. Yenza imoto iphakame ikakhulu uma uhamba obhuqwini, igabade ilishiye ngo-277mm, noma uyehlise futhi uma uthanda. Okwenza ukuhamba obhuqwini kungabi yinkinga yingoba iyi-4x4 futhi uyayitshela ukuthi uhamba kuphi phakathi kuka- Auto, Sport, Rock, Snow noMud/Sand. Ngemuva, futhi ine-electronic limited slip-differential.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa inenqwaba yezinto zokuphepha ngaphakathi. Zihlanganisa i-adaptive cruise control nokuthi ikusize uhlale emzileni ngokuthi izijikise iziteringi, iyabhreka uma izoshayisa, inamakhamera aveza umzimba wonke ngaphandle, iyasho uma usukhathele, ikuvezela ingaphandle ebusuku ikutshele uma kunento enyakazayo nokunye.
Ngaphandle ifika namalambu angama-LED ngaphambili nangemuva, inamarimu agcina ku-21 inch.
Ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba. KwiSummit Reserve uthola eziyisithupha futhi ezangaphambili ziyakuwotawota.
Isikhala ebhuthini uma zime zonke izihlalo bathi siba ngu-436 litres kanti uma zilele zonke kwasala ezangaphambili siba ngu-2 396 litres.
Ngaphambili inama-screen amathathu. Esokuqala ngese-instrument cluster lapho umshayeli ebona khona yonke imininingwane ngemoto kuhlanganisa nenkombandlela. Esiphakathi nendawo ngese-infotainment system okwazi ukuxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto ngaphandle kwentambo.
Ikuvezela inkombandlela neminye imininingwane yemoto ikakhulukazi uma uhamba obhuqwini.
Izipikha ziyagqoma kwazise bayigaxe i McIntosh audio sound system.
Lesi esinye i-screen esingakumgibeli eceleni umshayeli akakwazi ukusibona. Ukwazi ukuxhuma ofuna ukukufaka ngeHDMI cable. Uyakwazi ukufaka inkombandlela bese uyuthumela kwi-screen esikhulu esiphakathi nendawo, udlala umculo bese ufaka ama-headphone ungaphazamisi abanye futhi ukwazi ukubona nabangemuva ngekhamera.
Okunye engikuthandayo wukuthi inezindawo ezingu-12 ze-USB.
INTENGO:
Jeep Grand Cherokee L Limited - R 1 299 900
Jeep Grand Cherokee L Overland - R 1 479 900
Jeep Grand Cherokee L Summit Reserve - R 1 679 900
Zifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-warranty neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km.