IMOTO: RENAULT CLIO V
UMTHELELA weCovid-19 usaqhubeka nokuzwakala embonini yezimoto futhi indlela okwenzeka ngayo kusazothatha isikhathi ukuthi isimo sibuyele kwesejwayeleki.
Inkinga enkulu ukushoda kwesitokwe sezimoto nokudalwa ukunganeli kwama-microchip asebenza ezintweni eziningi zemoto kusuka esiteringini, emawindini kagesi, izinto zokuphepha nokunye okuningi.
KwaRenault, lokhu kube nomthelela ekutheni iRenault Clio entsha, yesizukulwane sesihlanu, ingethulwa ngonyaka odlule njengoba kwakuhleliwe.
Ifika kuleli nje, isineminyaka emithathu ikhona phesheya. Namanje njengoba yethulwa nje, isitokwe asisiningi kwazise kukhona amaClio angu-525 nokuyothi ngoJulayi, kufike omunye umthamo.
IClio yiyona moto enedumela kwaRenault kusuka yethulwa eminyakeni engu-32 eyedlule futhi idayisa kakhulu.
Entsha, ilama eyesine eqale ukudayisa kuleli kusuka ngo-2013, kwadayisa angaphezulu kuka-34 000.
Isigaba encintisa kuso umbango ushisa phansi kwazise kukhona iVW Polo esanda kutheleka ethuthukisiwe, kukhona iHyundai i20, Kia Rio, Mazda 2 nezinye
Into oyiqaphelayo uma uyibuka ukuthi ngaphambili isifana nezinye izimoto zakwabo ngenxa yamalambu akhanya ubusuku nemini amaLED amise okuka-C. Wonke amalalambu ekhanyisa ngawo angamaLED.
Izinhlobo ehlukene ngazo zintathu – yiLife, Zen ne-Intens.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa kukhona enamakhava emasondweni bese kuthi enye ibe namarimu angu-16 inch.
Kuzo zonke injini iyafana ingu-1.0 litre turbo kaphethroli enamandla angu74kW ne-torque engu-160Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual, okwamanje ayikho ezishintshayo.
Ukunyuka kwamandla kusho nokunyuka kwendlela edla ngayo uphethroli njengoba ngo-100km, idla amalitha angu-5.7.
Injini izwakala inamandla kangangokuba ayikhathali ngokushesha ngisho uhamba ngegiya lesihlanu. Uma uyifaka kuSport uyayizwa amandla iwafaka ngokushesha futhi isiteringi sakhona sikahle asilula futhi asisindi kodwa uyayizwa ijika lapho uyikhomba khona.
Ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, inkombandlela nokunye.
I-Instrument cluster nayo iyi-digital futhi ikuvezela yonke imininingwane yemoto njengophethroli, ibanga olihambile nokunye.
Ngaphakathi ilingana cishe nezinye izimoto encintisana nazo futhi ibhuthi ingu-361 litres.
Ine-cruise control, ishaja ngaphandle kwentambo, izimbobo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili, nokunye.
Ezokuphepha ngenye yezinto abazigqamisayo kwaRenault ngokuthi iClio igabe ngazo. Zihlanganisa ama-airbag ayisithupha, iyasho uma uphuma emzileni, inama-sensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka, nokunye okuningi
Intengo:
Zonke zine-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, i-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.
-Clio V 1.0 Turbo LIFE - R309 900
-Clio V 1.0 Turbo ZEN - R324 900
-Clio V 1.0 Turbo INTENS - R349 900
Ongakwengeza:
-Metallic paint – R2 500
-INTENS Option Pack – R15 000
9.3" Media Screen, Rear Camera, Front PDC and 17" Diamond Cut Alloy Wheels.