IMOTO: AUDI A3
UKUSHINTSHA kwendlela abathengi abathenga ngayo emakethe kwenza ukuthi i-Audi A3 ibe yiyona moto ethandwayo kulesi sitebela eNingizimu Afrika.
Ngeminyaka edlule wawungeke uyithinte i-A4 yakwabo kodwa manje i-A3, ngokusho kuka-Asif Hoosen, ongesinye sezikhulu kwa-Audi South Africa, yiyona ethengwa kakhulu.
Ezinye izimoto zabo athe ziyathandwa yiQ2 neQ3 nokuyinto elindelekile njengoba idumela lamaSUV liphezulu emhlabeni jikelele.
I-A3 iqale ukudayisa kusuka-1998 futhi sekudayise angaphezu kuka-63 000 kusuka lapho.
Kusuka ngeSonto, ngo-Agasti 1, kuzobe kuqala kudayisa eyesizukulwane sesine i-A3 Sportback. Ngesikhathi esifanayo kuzobe kutholakala futhi nentsha ceke i-A3 Sedan yona okungeyesizukulwane sesibili kwazise yethulwa i-A3 isivele ineminyaka ikhona.
Iyi-Audi iqhamuka nje ngoba ineSingleframe grille evulekile nokuyinto esijwayelekile ezimotweni zakwabo.
Amalambu ngaphambili uma uthanda ufaka amaMatrix LED headlights.
Ezinhlangothini inamarimu anosayizi abaphakathi kuka-16 no-18 inch kodwa kuya ngenhlobo nangokuthanda kwakho.
I-S3 yona ifika iphethe angu-19 inch alunguza amabrake calipers abomvu futhi yona ihlukile nangendlela ebukeka ngayo kwigrille, isezibukweni emaceleni, iduffuser enkulu nezinqawe ezine ngemuva.
Ngaphakathi akukho okuphawulekayo ngesikhala ngoba isafana. Ibhuthi ayishintshile ingu-380 litres njengakwedlule bese kuthi kwi-A3 Sedan khona sibe ngu-425 litres.
Ngaphambili ine-10.1 inch touch display futhi ine-instrument cluster othi uma uthanda uyishintshe ufake i-Audi virtual cockpit plus engu-12.3 inch
Uyakwazi ukuyibona imininingwane yayo nge-myAudi app bese wenza izinto ezahlukene emotweni.
Ngaphansi kwebhonethi kwi-A3 kukhona izinjini zikaphethroli kuphela ezimbili. Ngengu-1.4 TFSI etholakala kwi-A3 35 TFSI enamandla angu-110kW nogearbox oyi eight-speed tiptronic transmission. Enamandla athe xaxa engu-2.0 TFSI ekwi-A3 40 TFSI izofika ngokuqhubeka konyaka futhi yona ifuqa u-140kW nogearbox oyiseven-speed S tronic transmission.
I-S3 yona inenjini engu-2.0 enamandla angu-213kW netorque engu-400Nm nogearbox oyiseven-speed S tronic.
Bathi ifika nobuchwepheshe obengeza ezokuphepha obuhlanganisa ukuthi ikusize uma upaka, isho uma izoshayisa phambili futhi isho uma iphuma emzileni.
Ususpension une-adaptive damper control okuyinto oyifaka uma uthanda kwiS3 futhi une-Audi drive select eyenza ukhetha ukhethe ukuthi ihambe kanjani.
Intengo:
Audi A3 Sportback 35 TFSI R561,000
Audi A3 Sportback 35 TFSI Advanced R586,000
Audi A3 Sportback 35 TFSI S line R601,000
Audi A3 Sportback 40 TFSI S line R641,000
Audi S3 Sportback TFSI quattro R795,000
Audi A3 Sedan 35 TFSI R576,000
Audi A3 Sedan 35 TFSI Advanced R601,000
Audi A3 Sedan 35 TFSI S line R616,000
Audi A3 Sedan 40 TFSI S line R656,000
Audi S3 Sedan TFSI quattro R810,000
Ihlanganisa i-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.