IMOTO: FORD EVEREST SPORT
AMA-SPORT Utility Vehicle (SUV) amancane enza isigaba sezimoto ezincane (passenger car segment) zihambe phambili ngokuthengwa ngenxa yokuthandwa kwawo.
Ukuthandwa kwawo kusho ukuthi abenza amakhulu kumele babhukule baqhamuke nezindlela zokuheha abathengi.
Yingakho ubona kwaFord bethuthukise i-Everest benza iSport eshintshe indlela ebukeka ngayo. I-Everest isembangweni wabathengi neToyota Fortuner okuyiyo umakhonya esigabeni, Mitsubishi Pajero Sport nentsha ceke i-Isuzu MUX.
I-Everest Sport isuselwe kwiXLT yabe isishintshwa lapha nalapha. Uzokhumbula phela ukuthi i-Everest yakamuva selokhu yaba khona kusuka ngo-2019 ngakho iyakudinga nokuphaphanyiswa ukuze abathengi bezoyikhumbula futhi bezodobeka kuyo.
Inamarimu angu-20 inch amnyama, i-grille emnyama nobhampa ngezansi, ikhava yezibuko emnyama, isezibanjeni zezicabha, ama-roof rail nangemuva imnyama.
Emini igqama ngamaLED daytime running light kuthi uma sekuhwalala ikhanyise ngamaLED headlamp.
Inkulu impela kodwa ukuyishayela kulula njengoba inekhamera eveza ingemuva uma uhlehla futhi inama-sensor ngaphambili nokwenza kungabi umqansa ukuyipaka.
Okunye enakho yi-Electronic Stability Programme, Hill Launch Assist, ama-airbag ayisikhombisa ngaphakathi, nokunye.
Ngaphambili ineSYNC®3 touchscreen infotainment system eveza inkombandlela, udlala umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Uyakwazi ukuyilawula ngephimbo.
Okungichaza ngayo ukuthi yakhiwe yaqina ngaphakathi. Izihlalo ziyisikhumba futhi esomshayeli usihlela ngogesi ukuze uthole indawo entofontofo yokuhlala.
Ilayisha abagibeli abayisikhombisa kodwa uma ufuna ukwandisa isikhala sokulayisha impahla, uyakwazi ukulalisa zonke izihlalo zangemuva kungene ngisho ifriji elikhulu njengoba ngenzile.
Injini ehamba ngayo ingu-2.0 litre turbo kadizili enamandla angu-132kW ne-torque engu-420Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-10 speed ozishintshayo. Ihamba buthule emgwaqeni futhi awuyizwa noma isiku-120km/h emgwaqeni ovulekile. Lapho eyinkinga khona ikudizili ngoba ibingehli ekudleni amalitha angaphansi kuka-10 ngo-100km.
Ukuphakama kwayo kwenza noma uvakashela emakhaya ungabi nankinga futhi uyayikhetha ukuthi ihambe kanjani kwiTerrain Management System. Ine-4x4 low range kanjalo ne-diff lock. Lapho-ke ungaqwala ngisho intaba. Vele igama layo liyefana nentaba ende kunazo zonke emhlabeni, iMount Everest.
Intengo:
2.0 Single Turbo 10AT 4x4 R713,300
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km.