IMOTO: TOYOTA HILUX GR-S
KWENZIWE ushintsho kwiToyota Hilux, eyintandokazi yeveni futhi isibukeka ngendlela ehlukile kanti yengezwe namandla.
Akulona uhlobo lokuqala lweHilux GR Sport, lukhona olwenziwa ngo-2019 njengoba manje selukhuza ibuya. lolu hlobo lulandela iCorolla Cross GR-S, esanda kwethulwa.
IGR (Gazoo Racing) ihlukene ngezinhlobo ezine, kukhona iGR Part okusacwaningwa ukuthi yethulwe yini kuleli. Inikeza amakhasimende ithuba lokuzishunela ngendlela yawo izimoto azifunayo ngamaphathi akwaGR. IGR-Sport okushintshwe indlela ebukeka ngayo nendlela imoto ehamba ngayo, kube yiGR performance okuyizimoto zejubane, kulandele neGRMN ewumakhonya uma kuziwa emandleni.
IHilux GR-S, yethulwa okokuqala kwiState of the Motor Address lapho abakwaToyota bedalule izinhlelo zabo uma kuqala unyaka, inegrille emnyama futhi iqoshwe noGR Sport ngaphambili. Amalambu angamaLED bathe ukuwashintsha nakuma-air ducts, anamafog lamp amaLED.
Izezibuko ezimnyama, izibambo, izitebhisi nestyling bar ngemuva. Uma uthanda uyakwazi ukuyifaka imihlobiso yeGR emzimbeni. Itholakala ngemibala emine yakwaGR kuphela.
Ngaphakathi ine-instrument cluster entsha, isiteringi sesikhumba nemihlobiso yakwaGR oyithola nasezihlalweni ze-Alcantara.
Izinto enazo zicishe zifane nezeLegend. Injini ingu-2.8 litre kadizili kodwa yenyuswe amandla ango-15kW aba ngu-165kW netorque ngo-50Nm yaba ngu-550Nm. Ifika kuphela iyi-4x4 futhi okunye abakwenzile bayishintshe amashock absorber ukuze ibambelele kangcono.
Amasondo anamarimu angu-17 inch nawo bawashintshile ukuze abambelele kangcono ikakhulukazi obhuqwini.
Ezokuphepha zihlanganisa i- Adaptive Cruise Control, Lane Departure Alert (LDA) nePre-Collision System (PCS) nokunye.
Intengo:
Hilux GR-S 2.8 GD-6 4x4 6AT - R 865, 400
Ifika neservice plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.