IMOTO: OPEL MOKKA
MUVA nje, ngaphambi kokuthi ngilibangise eKapa, ngiyothamela umcimbi wokwethulwa kwe-Opel Mokka entsha, ngike ngabheka uhlobo lwayo oludala engalufaka ngo-2016 ekhasini lami le-Instagram.
Uma uziqhathanisa, ungazitshela ukuthi uhlobo olusha alukaze lube khona futhi negama elisha ngenxa yokuthi zehluke kakhulu. Eyakuqala yayingathi iqumbile kanti entsha ithothene kahle futhi idonsa amehlo ngobuhle nangemibala yayo egqamile. Phakathi kwemibala, zikhona ezinombala ohlukile emzimbeni ongafani nokhakhayi lwemoto.
Ngaphambili kwigrille ivalekile, bese iphefumula ngezansi. Amalambu angamaLED ngaphambili (iGS Line ayazikhanyisa aphinde azidime ukungaxhophi abanye abashayeli. Nangemuva, inamarimu angu-17 inch bese igama layo libhalwe libe likhulu phakathi nendawo ebhuthini.
Kwamanye amazwe kukhona uhlobo olunenjini kadizili nehamba ngogesi kepha kuleli kunenhlobo eyodwa yenjini. Ingu-1.2 welitha turbocharge kaphethroli futhi inamandla angu-96kW netorque engu-230Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo. Abakwa-Opel bathi abanazo izinhlelo zokuletha ekadizili nekagesi ngoba vele le njini iyonga. Bathi ngo-100km idla amalitha angu-6.1.
Emgwaqweni ihamba kahle futhi ugearbox ushintsha kahle ngokushesha ukuze idumele phansi futhi idle kancane. Uma uyifaka kuSport ishintsha nokuduma futhi negiya libamba ngaphambi kokushintsha nasemakhoneni ibambelele noma uya ngesivinini.
Bayifake inqwaba yezinto zokuphepha. Iyasho uma izoshayisa ngaphambili futhi ibhreke, iGS Line ine-adaptive cruise control eyenza ihlele isivinini ezohamba ngaso futhi izibhrekele uma kudingeka iphinde isinyuse, iyakusiza uhlale emzileni nokunye.
Ngaphakathi bayakhe kahle futhi kunezihlalo zendwangu nenye eziyisikhumba. Ine-touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula ngeBluetooth, Android Auto noma i-Apple CarPlay, inezihlalo ezihlelwa ngogesi eziphinde zikuwotawote zibuye zishise, inedigital instrument cluster nokunye.
Intengo:
Opel Mokka 1.2T EleganceR 469 900
Opel Mokka 1.2T GS LineR 519 900
Iphuma newarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km neRoadside Assistance neservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km.