IMOTO: MAZDA BT-50
AMAVENI ayathandwa eNingizimu Afrika kangangokuba imoto edayisa kakhulu zinyanga zonke yiveni.
Lelo veni yiToyota Hilux okungenye yezimoto iMazda BT-50 ezozama ukuthatha abanye abathengi bayo.
Le BT-50 yakhiwe ngokuhlanganyela nabakwa-Isuzu njengoba ubudlelwano iMazda eyayinabo phambilini neFord sebaphela.
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu njengezimoto ezincane zakwabo okuyi-Active, Dynamic ne-Individual.
Ishaya nge-grille enkulu ngaphambili nokuyenza ifane nezinye izimoto zakwaMazda. InamaLED headlamps, Daytime Running Lights nama-wiper azishayayo uma lina izulu.
Eceleni inamarimu aphakathi kuka-17 no-18 inch, kuya ngenhlobo yakho.
Ngaphakathi bathi isikhala sikhulu ukuze abagibeli bahlale kahle. Lonke ingaphambili lakhiwe kabusha. Kuya ngohlobo oluthandayo kodwa kukhona i-7 inch noma i-9 inch screen se-infotainment system. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto futhi izipikha zifinyelela kweziyisishiyagalombili ngaphakathi.
Inenqwaba yamakhosomba okubeka izimpahla njengezigubhu ezicabheni futhi ngemuva kunendawo yokuphumuza ingalo phakathi nendawo enezindawo zokubeka iziphuzo. Kukhona nendawo yokushaja iselula nge-USB ukuze abagibeli bangemuva bangasokoli.
Izinjini zihlukene kabili. Kukhona engu-1.9L enamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm. Itholakala ngo-gearbox oyi-6 speed oshintshwayo okanye ozishintshayo futhi iyi-4x2.
Enye injini ingu-3.0L enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. Ifakwe u-gearbox oyi-6 speed ozishintshayo futhi itholakala kwi-4x2 yeDynamic. Uyakwazi ukuyithola no-gearbox ofanayo nakwi-Individual kodwa khona umehluko ukuthi yi-4x4.
Kwezokuphepha, ngaphandle kokuthola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ukuphepha ngabe-Australasian New Car Assessment Program, ifika nekhamera eveza ingemuva, ama-airbag ngaphakathi ne-keyless entry. Iphinde ibe namabhreki e-Anti-lock Braking System (ABS) ne-Electronic Brake force Distribution (EBD), Dynamic Stability Control (DSC) ehlanganisa iTraction Control System (TCS), Hill Launch Assist (HLA), Hill Descent Control (HDC), Roll Over Mitigation (ROM) neTrailer Sway Mitigation (TSM).
Intengo:
MAZDA BT-50 1.9L Active 6MT 4X2 R611,900
MAZDA BT-50 1.9L Active 6AT 4X2 R647,900
MAZDA BT-50 3.0L Dynamic 6AT 4X2 R759,400
MAZDA BT-50 3.0L Individual 6AT 4X4 R794,400
Zonke izinhlobo ziphuma ne-service plan yeminyaka emithathu engakaliwe amakhilomitha, i-warranty yeminyaka emithathu neRoadside Assistance nayo yeminyaka emithathu.