IVolvo Car Corporation ikhiphe isimemezelo sokuthi abashayeli bezinye zezimoto zabo bazibuyise ukuze zizoshintshwa i-airbag yomshayeli.
Izimoto ezithintekayo eNingizimu Afrika zingu-4 128 futhi ngezinye zezinhlobo zeS60 neS80.
Lezi zimoto ngezaphakathi kuka-2001 no-2003.
IVolvo ithe isimemezelo siza ngemuva kocwaningo lwayo kanjalo nenkampani iZF oluveze inkinga nge-airbag yomshayeli.
“Uma kunengozi lapho i-airbag yomshayeli kumele iphume, okuyifuthayo kungenzeka kuhlephuke kukhiphe okusansimbi uma kuqhuma i-airbag.”
Bathe iphathi okuyiyo enenkinga yiFG2 Twin Driver Airbag inflator ene-5AT 148N propellant. Bathe izoshintshwa ngesezingeni.
Kuvela ukuthi kunesigameko esisodwa esidlule nomphefumulo esithinta le airbag emhlabeni jikelele. Ngokocwaningo lwayo ithe zingu-1% izimoto okungenzeka ukuthi ziyathinteka kodwa ifuna ukuzishintsha zonke ama-airbag ngokukhulu ukushesha.
Inxuse abashayeli beS60 neS80 yaphaphakathi kuka-2001 no-2003 ukuba bangene kwi-website yabo (www.volvocars.com) bafake i Vehicle Identification Number (VIN) noma bathinte amagaraji aseduze nabo.
Ithe iziphuma nenqina lokuzithungatha lezi zimoto bese ithumelela abashayeli izincwadi.