SIYASONDELA isikhathi okuzokwethulwa ngaso iVW Amarok entsha ezokwakhiwa eNingizimu Afrika okokuqala ngqa kusukela ngonyaka ozayo.
I-Amarok yaqala ukudayiswa ngo-2010 njengoba isishintshwa nje. Entsha izokwakhiwa ngokubambisana nabakwaFord nokuyilapho izokhiqizwa efemini yakwaFord eSilverton, ePitoli. Izokwakhiwa endaweni efanayo neFord Ranger futhi zombili kulindeleke ukuthi ziqale ukudayisa ngo-2022.
Ngesonto eledlule ngesikhathi kunomncintiswano iSpirit of Amarok Media Challenge esinye sezikhulu zakwaVW eNingizimu Afrika sifanise umncintiswano njengendlela yokuvalelisa i-Amarok ekhona emakethe.
ISpirit of Amarok umncintiswano owaqalwa ngowayengumpetha wezimoto zomjaho uSarel van der Merwe ngo-2004.
Wasungulwa ngenhloso yokuthi abantu bathole ithuba lokuvivinya amava abo okushayela ama-4x4. Ngesikhathi kwethulwa iVW Amarok eNingizimu Afrika ngo-2010, ibe ngabaxhasi bayo kwase kusetshenziswa yona.
Kulokhu bekusetshenziswa ama-Amarok ango-3.0 litre V6 anamandla angu-190kW netorque engu-580Nm.
Ngonyaka odlule awubanga khona ngenxa yokubhebhetheka kwegciwane iCoronavirus.
Emncintiswaneni, uSarel uhlela izingqinamba ezahlukene ukuvivinya ubuchule bokushayela ama-4x4. Kukhona isigaba sokuchusha emapalini ube uqwala intaba ukalelwe isikhathi nokuthi uma uthinte ipali ulahlekelwe ngamaphuzu. Uma uqede ngokushesha noma sekwedlule isikhathi ulahlekelwa ngamaphuzu.
Ngaphandle kokuchusha emapalini uqwala izintaba ematsheni nasesihlabathini, bekuphinde kuncintiswane ngokushayela uhlehla uchusha emapalini, ukushayela ngesivinini obhuqwini, ukushayela ngesivinini nincintisana nezinye izimoto nokunye.
I-Amarok ikhombise ukuba yisiqwalantaba esingenankinga ngenxa yokuphakama kwayo, ukudonsa ngawo womane amasondo, yidiff lock nebhathini lika-Offroad elenza ukuthi uma yehla entabeni izibambele yona amabhreki.
Ngesikhathi kuncintisana abezindaba abangu-16 bezinkampani ezehlukene eNingizimu Afrika, kuthe sekuhlanganiswa amaphuzu ngemuva kwemizuliswano engu-13 ethathe usuku lonke, kwanqoba umbhali walolu daba noSibonelo Myeni owethula ingosi yezimoto kuKhozi FM