IMOTO: MERCEDES-BENZ GLB
IMERCEDES-BENZ eNingizimu Afrika yeneme ngendlela iGLB eyenza ngayo emakethe kangangokuba izoyelamanisa ngeyekhethelo iMercedes-AMG GLB 35 4Matic kulo nyaka.
I-GLB iqale ukudayisa ekupheleni kuka-2020 futhi le SUV encane ephinde iphume nezihlalo eziyisikhombisa, bathi yamukelwe kahle ngamakhasimende.
KwaMercedes bathi bazoletha iGLB 35 4Matic enenjini engu-2.0 litre enamandla angu-225kW. Idonsa ngawo womane amasondo ngogearbox oyi-8 speed DCT. Amandla enawo bathi ayenza isuke ku-0 ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.3.
Njengamanje emakethe kukhona izihlobo ezimbili zamaGLB, okuyi-250 ne-220 d 4Matic.
I-GLB 250 inenjini kaphethroli engu-2.0 litre efuqa amandla angu-165kW netorque engu-350Nm. I-GLB 220 d 4Matic nayo inenjini engu-2.0 litre kodwa ekadizili futhi inamandla angu-140kW netorque engu-400Nm. Zombili zinogeabox ozishintshayo oyi-8 speed.
Le moto inewheelbase engu-2 829mm nokuyenza ivuleke ngaphakathi njengoba ibhuthi ibe ngu-570 litres futhi ifinyelela ku-1 805 litres.
Ifika nezinto eziningi njengeMercedes-Benz User Experience nezinye ezitholakala ezimotweni zakamuva zakule nkampani.
Intengo:
GLB 250 – R907 000
GLB 220 d 4Matic – R918 000