IMOTO: OPEL CORSA ELEGANCE
I-OPEL Corsa yimoto esembangweni wabathengi esigabeni okuminyene utshumo kuso ngoba izimbangi nazo azizibekile phansi.
Le moto ibanga abathengi nezinye okubalwa kuzo iVolkswagen Polo nokuyiyo edayisa kakhulu eNingizimu Afrika esigabeni sezimoto ezincane, Hyundai i20, Ford Fiesta, Kia Rio nezinye.
I-Corsa akuyona imoto entsha, abantu abaningi bayayazi futhi lena ngeyesizukulwane sesithupha.
Ihlukene ngezinhlobo ezintathu ezibizwa ngeCorsa, Corsa Edition neCorsa Elegance. I-Elegance yiyo esiyivivinyayo lapha.
Iyabukeka futhi emini igqama ngamaLED daytime running lights. Amalambu amakhulu nawo angamaLED, inamarimu angu-16 inch bese kuthi ngemuva ine-spoiler kanjalo nezinqawe ezigqize nge-chrome.
Ngaphakathi izihlalo zangaphambili ziyafudumala. Isikhala sabagibeli abahlanu sikhona kodwa abezukuhlala banethezeke. Isikhala ebhuthini singu-309 litres futhi izihlalo ziyakwazi ukulala ukuze sande. Phakathi ebhuthini kunesondo eliyisipele.
Ngaphambili ingichaza ngokungabi nezinto eziningi ngaphandle kwe-touchscreen infotainment system engu-7 inch egqame kahle. Ukwazi ukubona izinto zeselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto. Ngezansi kunamabhathini okulawula i-aircon. Wena njengomshayeli ubhekana ne-digital instrument cluster okuyilapho ubona khona imininingwane ngohambo lwakho nophethroli okhona. Iphinde ikukhumbuze uma ususeduze kakhulu nemoto oyilandelayo nokungenye yezinto ezengeza ukuphepha.
Ngaphandle kwalokhu, ezinye izinto enazo zokuphepha ngama-sensor asiza ungashayisi uma upaka, ama-airbag, iyazibamba ukuthi ingahlehli uma uyisusa endaweni enyukelayo, i-electronic stability control ikusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma kunomuntu ngaphambili ongase umshayise nokunye.
Injini i-Opel Corsa Elegance ehamba ngayo, engu-1.2 litre turbo, isebenza nasezimotweni zakwaPeugoet kwazise lezi zinkampani zombili zingaphansi kwenkampani enkulu, iStellantis Group.
Le njini kaphethroli engu-3 cylinder inamandla angu-96kW ne-torque engu-230Nm futhi isebenza ngo-gearbox oyi-6 speed ozishintshayo.
Iyithwala kamnandi imoto le njini ngoba ngisho ushaya intaba ayikhathali. Iqale ibe nokubambezeleka okungasiyo into etheni uma isasuka kodwa uma isisemgwaqeni iyashibilika. Ngaphandle kokuyizwa iduma sabhesi kodwa ithule ngaphakathi futhi ayizweli okukhalisayo emabhampini.
Ngakuphethroli ezinsukwini eziyisikhombisa esizichithe nayo ibidla amalitha angu-6.8 ngo-100km.
Naphezu kokuba ibanga nezimoto eziyizintandokazi njengeVW Polo kodwa i-Opel Corsa nayo isezingeni ngokwayo futhi ngezinto enazo nangendlela ehamba ngayo iyaziveza ukuthi inakwe.
Intengo:
R386 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, i-warranty ne-roadside assistance yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.