I-HYUNDAI igubha iminyaka engu-20 yaqala ukwakha iHyundai Santa Fe, ngokwenza ushintsho kulolu hlobo olukhona noluqale ukudayiswa ngo-2018.
Yize sekunenqwaba yamaSport Utility Vehicle (SUV) ahlukene akwaHyundai kodwa iSanta Fe ngeyokuqala ngqa futhi yiyo ephezulu ngokukleliswa kwawo. Eyesizukulwane sokuqala yenziwa ngo-2000 njengoba sekungeyesizukulwane sesine nje.
ISanta Fe entsha ifika negrille eyenza igqame namadaytime running lights athi uma ekhanya ame njengo-T. Amarimu ahlukene ngosayizi njengoba kukhona angu-18 inch, 19 inch noma u-20 inch.
Ubude bayo obungu-4 785mm buyenza ivuleke ngaphakathi futhi inezihlalo ezilayisha abagibeli abayisikhombisa. Kuhlaleka kahle ezihlalweni zangemuva kodwa kwezokugcina kungena izingane. Isikhala ebhuthini evuleka ngogesi, siba ngu-634 litres uma ulalise izihlalo.
Kumele bashayelwe ihlombe abakwaHyundai ngokwenza ingaphakathi eliseqophelweni eliphezulu wena owabona izimoto zikanokusho zaseJalimane, ekubeni kungeyaseSouth Korea.
Kunenqwaba yezikhala zokubeka izinto ezinjengeziphuzo, inezimbobo ezine zokushaja (ezimbili ngemuva) okukhona nomgodi ojikijela kuwo iselula ishaje ngaphandle kwentambo. Okunye engikuthandayo ngayo ukuthi uqwembe lokuvikela ilanga phezulu uyakwazi ukulidonsa kuvale iwindi lonke futhi likhulu kahle.
Yakhiwe yaqina nakwidashboard bese iba nezihlalo eziyisikhumba. Ngaphandle kwetouchscreen infotainment system engu-8 inch lapho okwazi ukuxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, amehlo avele ahehwe ngamabhathini kwicentre console. Igiya alijwayelekile kodwa linamabhathini alula ukuthi ulisebenzise.
Igiya lingumshini ozishintshayo oyi-8 speed dual clutch transmission. Lisebenza kahle nenjini engu-2.2 litre turbodiesel enamandla angu-148kW netorque engu-441Nm.
Izinhlobo zihlukene kabili okuyi-Executive ne-Elite. I-Elite ihluke ngokuthi idonsa ngawo womane amasondo. I-Executive esichithe isikhathi inamadrive modes amane okuyiComfort, Sport, Eco and Smart. Emgwaqweni infotonfoto, ithule ngaphakathi futhi kudizili ibidla amalitha angu-7.8 ngo-100km.
Uma uhamba ngayo uzizwa uphephile ngoba inezinto eziningi futhi iyakukhombisa uma uhlehla ukuthi kunemoto eqhamuka noma okunye, inama-airbag, Anti-Lock Braking System (ABS), Electronic Brake Force Distribution (EBD), Electronic Stability Program (ESP), neVehicle Stability Management (VSM).
Intengo
Santa Fe R2.2 Executive 8sp DCT –R769 500
Santa Fe R2.2 Elite 8sp DCT AWD –R869 500
Ifika neservice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.