IMOTO: RENAULT KOLEOS DYNAMIQUE 4X2
KUNEZIMOTO ongezwa abantu abaningi bekhuluma ngazo yize kungekho okutheni okukhalisa ngazo.
Enye yazo yiRenault Koleos. Ngiyakhumbula eminyakeni edlule ubuhle kwakungeyona into egabe ngayo kodwa muva nje iyabukeka futhi injalo ivulekile ngaphakathi okuyenza ibe yimoto ekahle yemindeni. IKoleos ibanga abathengi nezimoto ezifana neToyota RAV4.
Inamalambu eLED ngaphambili nangemuva akhanya ubusuku nemini amise okukaC bese iba nama-fog lamps ngezansi. Iphicwe nge-chrome kwi-grille oyithola nakumalambu ngezansi, isezinhlangothini ize iyoshaya nangemuva. Ibhuthi ivulwa ngogesi, isikhala ngu-464 litres.
Le SUV iphakeme njengoba amasondo ayo anamarimu angu-18 inch ayenza umhlaba iwushiye ngo-210mm njengeDuster yakwabo.
Ngaphakathi abagibeli bahlala ezihlalweni zesikhumba. Ngaphambili kugqame i-touchscreen infotainment system enkulu okuyilapho ulawula khona umsakazo, ubone inkombandlela, uhlela i-aircon noma ubone iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Angisale sengikuveza ukuthi izindawo zokushaja iselula nge-USB zine, zimbili ngaphambili nangemuva, okuyinto emnandi.
Ngena emgwaqweni, ihamba ngenjini engu-2.5 litre kaphethroli enamandla angu-126kW ne-torque engu-233Nm. Isebenzisa i-gearbox ezishintshayo eyiCVT okuyiyo eyiphoxayo evele iyenze isindandanda, ibange nomsindo. Uma nje ike yabona umqansa ivele ibe namahloni okuhamba ngokushesha. Uma futhi ufuna ukudlula enye imoto kumele ukale kahle.
Ngo-100km ibidla amalitha angu-9.8 okuyinto engaphezulu ngelitha ngokwabakwaRenault abathi idla angu-8.3.
Ngakwezokuphepha inama-sensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka kanjalo nekhamera, iyasho uma kunemoto kwi-blind spot futhi inama-airbag.
Ngaphandle kokuphoxwa yinjini engenayo i-turbo ne-gearbox, iKoleos yimoto ephelele yomndeni.
Intengo
R524 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-anticorrosion warranty yeminyaka eyisithupha.