IMOTO: MERCEDES-BENZ GLB 250
USAYIKHUMBULA imincintiswano lapho abangenele kumele bakhethe khona imali noma ibhokisi?
Abaningi babevele bakhethe imali ngoba bengazi ukuthi kukhona ini ebhokisini.
Uma ngingabuzwa mina ngingakhetha ibhokisi. Ibhokisi engikhuluma ngalo kodwa yiMercedes-Benz GLB 250 ebesiyizwa Amandla.
Le Sport Utility Vehicle (SUV) encane ibanga abathengi namanye okubalwa kuwo iBMW X1 ne-Audi Q3.
Uma uyibuka ngaphandle ungathi yibhokisi kodwa ayiyimbi nhlobo. Bayengeze iNight Package eyenza ukuthi ibe nama-roof rails amnyama namawindi amnyama. Amarimu angu-19 inch.
Okhakhayini bayigaxe i-panoramic sunroof eyenza ukuthi konke ukukhanya kwangaphandle kungene bese kugqama ubuhle bangaphakathi.
Izihlalo ziyisikhumba futhi zi-beige ngokombala. Bengilindele ukuthi ikwazi ukuzihlela ngogesi kodwa lokho yinto oyengezela imali uma uyifuna.
Zinhle impela izihlalo kodwa inkinga ukuthi ziyashesha ukubamba ukungcola nokuyinkinga uma unezingane noma uhamba nenhlobo ethanda ukudla nokuphuzela phakathi emotweni.
Okumnandi ngengaphakathi layo nokho ubukhulu bayo. Akekho okhala ngokumpintsheka futhi nebhuthi inkulu, ingu-570 litres. Phela uma uthanda uyakwazi ukukhetha elayisha abagibeli abayisikhombisa.
Ngaphambili kwi-dashboard bayakhe kahle, bangayigxisha izinto eziningi. Ine-touchscreen infotainment system enenkombandlela, ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi iveza ingaphandle uma upaka. Ukwazi nokuyilawula ngephimbo, uyitshele izinto ezifana nokuthi ishintshe umbala ekhanyisa ngawo ngaphakathi.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-2.0 litre turbo enamandla angu-165kW ne-torque engu-350Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-8 speed ozishintshayo. Ingithusile indlela eshesha ngayo nokwenze ngaze ngayobhekisisa ukuthi amandla ayo athini. Okumnandi ngayo ukuthi intofontofo ngaphakathi. Kuphethroli ibidla amalitha angu-10.3 ngo-100km/h nengicabanga ukuthi kungenxa yokuzulazula edolobheni kodwa uma usungena kuthelawayeka iyehlisa.
Iphephile injalo nje ngoba ine-adaptive cruise control ekusiza nokuhlala emzileni.
Kungokokuqala ukuthi kwaMercedes benze iGLB futhi ukunonela kwayo ngaphakathi kuyenza ibe kahle kwabanemindeni abafuna imoto enesikhala.
Intengo:
GLB 250 – R880 000
Ifika ne-maintenance contract yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.