IMOTO: KIA PEGAS
UKUSHINTSHA kwezikhathi kwenza ukuthi izinkampani zibuyekeze uhla lwezimoto ezizidayisayo ezitebeleni zazo.
Uma ubheka lapha eNingizimu Afrika kunezinye izimoto ezingama-sedan ezingasazidayisi nhlobo. Awuyikholwa into engiyishoyo? Ngena egaraji lakwaHyundai noma kwaRenault manje, ubone ukuthi uzoke uyithole yini i-sedan entsha.
Lokhu kungenxa yokuthi abathengi bathanda kakhulu izimoto eziphakeme ezingamaSports Utility Vehicles.
NakwaKia South Africa bese zingekho izimoto ezingama-sedan kuze kuba kwethulwa iPegas ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Izele ukuzobangisa izimoto ezifana neFord Figo Sedan eqala ku-R231 600, iVW Polo Vivo Sedan eqala ku-R253 700 kanjalo neToyota Corolla Quest enentengo eqala ku-R282 600.
Ngaphambili ishaya nge-tiger nose grille efana nakwezinye izimoto zakwabo bese iba nama-fog lamp ezansi. Ihamba ngamasondo anamarimu angu-14 inch kuthi ezicabheni izibambo zigqize nge-chrome efana naleyo ekuma-fog lamp ngaphambli.
IPegas inonele ngaphakathi njengoba inesikhala esikhulu kwazise i-wheelbase yayo ingu-2 570 mm. Lokhu kwenza abagibeli abahlanu bahlale kahle, kungabi khona okhala ngokumpintsheka okanye oshayeka amadolo bese kuthi isikhala ebhuthini sibe ngudedangendlale njengoba singu-475 litres.
Izihlalo zinekhava ezishaya sasikhumba. Esomshayeli sinendawo yokuphumuza ingalo nokuyinto enhle ngoba ukuyiphumuza ngakwesokudla akumnandi kwazise iqinile esicabheni.
Inamawindi kagesi abangaphambili abawavula ngamabhathini akwi-centre console. Lokhu kuyashesha ukujwayeleka ngisho noma sekusebusuku akuyona inkinga. Kuyona i-centre console kune-7 inch touchscreen infotainment system okulula ukuyisebenzisa. Idlala umsakazo, iveza ikhamera ngemuva uma uhlehla, ikwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, Bluetooth, imbobo ye-USB namabhathini esiteringini. Amabhathini asesiteringini awomsakazo ne-cruise control.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-1.4 litre kaphethroli nokuyiyona yodwa ekhona kwiPegas. Iyangichaza indlela eyonga ngayo ngoba ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu-6.2 nokuyinto engicabanga ukuthi ingehla uma uhamba kahle. Inamandla angu-69kW ne-torque engu-132Nm. Ebesihamba ngayo isebenzisa u-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo yize kubuye kube khona noyi-4 speed ozishintshayo.
Ilula ukuyishayela futhi ihamba kamnandi yingakho ingaba yimoto yomndeni osemncane yize futhi kungeke kuthuse nokuyibona isisebenza njengesithuthi somphakathi esikhokhelwa ngebanga oluhambile.
Lokhu kungenxa yesikhala sayo ngaphakathi, ukonga uphethroli nokuthi ihlukile kunezinye ezibuye zaziwe ngokuthathwa yizinswelaboya.
Ngakwezokuphepha, inama-airbag amabili ngaphambili, indawo yokufaka isihlalo sengane namabhreki e-ABS ne-EBD.
Intengo:
Pegas 1.4 EX Manual R236,995
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km, ne-warranty yeminyaka emihlanu ehlanganisa neRoadside Assistance.