IMOTO: MERCEDES-BENZ C-CLASS
IMERCEDES-BENZ C-Class entsha, enkulu futhi evulekile kunendala, isiqalile ukudayisa eNingizimu Afrika.
IC-Class yakhiwa efemini yakwaMercedes-Benz e-East London. Iphinde yakhiwe naseBeijing eChina naseBremen, eGermany.
IC-Class yimoto enomlando futhi ebalulekile kwaMercerdes njengoba kusuka ngo-1982 sekudayise angaphazulu kuka-10.5 million emazweni angaphezu kuka-100.
Entsha, okungeyesizukulwane sesithupha, inde kunendala futhi ivulekile. Iwheelbase inyuke ngo-25mm yaba ngu-2 865mm nokwenza abagibeli babe nesikhala esithe xaxa.
Ngaphandle ifika namarimu angu-18 kuya ku-19 inch.
Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiC200 neC220d.
Kukhona neyekhethelo i-Edition 6 okwenziwe angu-400 kuphela. Ihluke ngemibala yayo emibili etholakala ngayo okungoSpectral Blue noSelenite Grey, i-AMG Line, amarimu angu-19 inch, panoramic sunroof ne-agility control.
I-C200 ifika nenjini engu-1.5 litre turbo kaphethroli enamandla angu-150kW netorque engu-300Nm. I-C220d yona inenjini engu-2.0 turbo kadizili enamandla angu-147kW netorque engu-440Nm.
Zombili zinogearbox oyi-9G Tronic transmission.
Bathi bayifake nesuspension entsha eyenza ukuthi ibe ntofontofo, ibambelele, ibe mnandi ukuyishayela futhi ithule ngaphakathi.
Ngaphakathi inetouchscreen infotainment system phakathi nendawo. IneMBUX (Mercedes-Benz User Experience) futhi ukwazi ukuyenzisa izinto ngephimbo ngokuthi “Hey Mercedes”.
Intengo:
C200 - R849 000
C220d - R908 500