IMOTO: HYUNDAI STARIA
UKUBE ibhasi lakwaHyundai, iH1 liwusopolitiki, bengizothi selihlale esikhundleni amahlandla amabili, lakhishwa seliqala elesithathu.
Phela lethulwa ngesikhathi sikaZakumi ngo-2009, sekusele izinyanga kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-2010.
Kuyaziwa ukuthi osopolitiki bahlala esikhundleni iminyaka emihlanu kanti iH1 ibisinonyaka ka-12 ikhona. Kukhona osopolitiki abasanda kuketulwa ezikhundleni ngevoti kanjalo neH1 iketulwe yiStaria, okuyibhasi elisha ceke.
IStaria yehluke kakhulu kuneH1 futhi liyabukeka ngaphandle. Linezinhlobo ezimbalwa ongakhetha kuzona (Luxury, Elite ne-Executive) kodwa elinye linamarimu awu-17 inch, kuthi elinye abewu-18. Amalambu angaphambili aneLED kanti amanye anebulb.
Yinkulu ngaphakathi idlula iH1 nokwenza ibe nesikhala esivulekile sabagibeli nempahla. Uyakwazi ukuzilalisa izihlalo ukuze kwande isikhala sempahla.
Uma usungaphakathi uyakhohlwa yimicabango obunayo ngayo, uma usayibuka ngaphandle. Ngingasho ligcwale nje ukuthi “liyimoto”, ngaphandle uma uthatha iLuxury, ewubutsetse.
Kukhona elayisha abagibeli abayisishiyagalolunye, nelayisha abangu-11 okusho ukuthi kushoda isihlalo somuntu oyedwa uma uqhathanisa neH1 elayisha 12. Bathi imultivan nepanel van, zizolandela ngasekuqaleni konyaka ozayo ngoba lezi zimoto akuzona ezemindeni kuphela kodwa nosomabhizinisi bayazithanda ikakhulu labo abathutha abantu, abangcwabi nabanye.
Okumnandi ukuthi abagibeli abazisweli izindawo zokushaja nge-USB ngoba zikhona ngaphambili kuze kuyoshaya ezihlalweni ezisemuva. Izihlalo zeLuxury eziyisikhumba, uyakwazi ukuziphendula zibhekane emuva wena owabona iVW Caravelle neMercedes-Benz V-Class, okungezinye zezimbangi zayo.
Zonke zifika netouchscreen infotainment system ngaphambili, isiteringi okwazi ukusihlela ukuthi sime kanjani nokunye. Uma ushaya i-indicator kuvela ingaphandle kwikhamera lalapho uzojikela ngakhona kwi-instrument cluster yeLuxury, futhi izicabha zangemuva nebhuthi zivulwa ngogesi.
Ziningi ziinto enazo njengesunroof, cruise control, indawo yokushaja iselula ngaphandle kwentambo, izihlalo ezifudumalayo ziphinde zibande, sunroof nokunye okuningi.
Kwezokuphepha inekhamera eveza ingemuva namasensor ngaphambili, iveza umoya osemasondweni, ama-airbag ayisithupha, iyakukhombisa uma kunemoto eseceleni izijikise isiteringi nokunye.
Emgwaqweni ihamba kamnandi ngenjini ekhona nakwezinye izimoto zakwabo engu-2.2 litre turbodiesel, enamandla angu-130kW netorque engu-430kW. Isebenzisa igearbox ezishintshayo oyi-8 speed.
Ihamba buthule awuyizwa noma ishintsha futhi amandla inawo.
Intengo:
Staria R2.2 Executive 9-seater R 789 900
Staria R2.2 Executive 11-seater R 799 900
Staria R2.2 Elite 9-seater R 959 900
Staria R2.2 Luxury 9-seater R 1099 900
Zifika newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, neRoadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km. ILuxury ineservice plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, bese kuthi ezinye zibe neyeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.
Ilinyuse kakhulu izinga iHyundai ngebhasi iStaria evala isikhala seH1.Inkulu kuneH1, inenjini entsha futhi nezinto efika nazo ziningi njengalezi zihlalo ozenza zibhekane. Funda ngayo kwi @IsolezweNews ngoLwesihlanu! #HyundaiStaria pic.twitter.com/Uqu4Yn62pJ
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) November 8, 2021