IMOTO: KIA SORENTO
IKIA Sorento ishintshwe ngendlela yokuthi abanye bayadideka ukuthi yimotoni uma beyithi nhla ngamehlo.
Okunye okwenza bangakwazi ukubona kahle wukuthi nophawu lweKia lusanda kushintsha, kukhona abangakalazi kahle. Kuze kube ngcono uma uqhamuka ngemuva ngoba igama layo liqoshwe laba likhulu ukuqeda konke lokho kudideka.
ISorento yethulwe ngo-2002 futhi lena entsha ngeyesizukulwane sesine kanti injalo nje ingeyokuqala ukwakhelwa phezu kwesisekelo esisha samaSUV akwaKia. Bathi lesi sakhiwo siyenza ibe nkulu futhi ibe nesikhala esikhulu ngaphakathi.
Yinde kunendala futhi ivulekile bese kuthi iwheelbase ibe yinde ngo-35mm yaba ngu-2815mm. Yinde kuneToyota Fortuner yona engu-2745mm.
Inamalambu eLED ngaphambili nangemuva namarimu angu-19 inch. Idimile emawindini nokwenza nabafuna ukulunguza phakathi bangaboni kalula. Emawindini angemuva kunamakhethini okuvikela ilanga kanti ebhuthini kunekhava yokufihla impahla.
Njengezimoto ezilayisha njengayo, uma uzimise zonke izihlalo asibi sikhulu kangako siba ngu-187 wamalitha. Uma nizivalile ezangemuva ngoba zihlala izingane, isikhala siba ngu-821 litha.
Okumnandi ukuthi ibhuthi ivuleka, ivaleka ngogesi kanti nokugoqa izihlalo zaphakathi nendawo akuwona umsebenzi uciphiza nje inkinobho.
Ngaphambili izihlalo zihlelwa ngogesi futhi uyakwazi ukuzifudumeza noma uzibandise. Umshayeli uyakwazi ukulungisa nesomgibeli eceleni ngoba kunamabhathini aseduze.
Eceleni ezihlalweni zangaphambili kunezindawo zokushaja nge-USB, kuphinde kube nezinye ezimbili bese kuthi ngaphambili zibe zintathu nokwenza zibe yisikhombisa sezizonke. Kunendawo yokushaja ngaphandle kwentambo ngakho akekho obanga nomunye.
Yize idimile emawindini kepha ukukhanya kuyangena ngoba inesunroof enkulu futhi ebusuku inamalambu akhanyisa ngaphakathi kodwa angaxhophi umshayeli.
Ine-touchscreen infotainment system, engikuthanda ngayo ukuthi kunamabhathini eceleni kwayo okwenza kube lula nescreen singangcoli sigcwale iminwe.
Kwi-infotainamnet ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto kuvele inkombandlela. Inezipikha zeBose ezenza umculo ukhale kamnandi.
Inedigital cluster okuthi uma ushaya i-indicator kuvele ngaphandle kwalapho ujikela khona futhi ikuxwayise uma kunemoto.
Kunebhathini eliveza lonke ingaphandle ukubona ukuthi yini eseduze kwayo nokusiza kakhulu uma upaka. Kwezokuphepha inama-airbag ayisithupha ngaphakathi, iyasho uma izoshayisa phambili, uma sekumele uhlabe ikhefu futhi iyakusiza ukuhlala emzileni ngokujikisa isiteringi.
Sihamba emgwaqweni u-R34 phakathi kwaseNkwalini naseMpangeni, umama uphawule ngokuba ntofontofo kwayo. Loya mgwaqo unemigodi namabhampu kodwa konke lokho bekungazweli kangako.
Awuwasweli amandla kuyona ngoba inenjini kadizili engu-2.2 litre. Inamandla angu-148kW netorque engu-440Nm futhi iyashesha ukuwathumela emasondweni ngogearbox ozishintshayo oyi-8 speed dual-clutch. Emajikeni aseNdundulu, eShowe, bengiya ngokuzethemba ngoba ezindaweni ezijikayo idonsa ngawo womane amasondo kuthi ezindaweni eziqondile ihambe ngawangaphambili kuphela. Lokhu bathi kusiza nasekongeni udizili. Ngo-100km ibidla kahle amalitha angu-6.9.
Inamadrive mode ahlukene othi uma uwashintsha, kushintshe nendlela ekhanya ngayo kwicluster. Kukhona u-Eco, Comfort, Sport noSmart okuyiwo ebengihamba ngawo kakhulu ngoba ufunda indlela oshayela ngayo bese nemoto iphendula kodwa isikhathi esiningi ubheka ukuthi iyawonga kudizili.
KuneTerrain Mode engigcine ngingayisebenzisanga kodwa esebenza esihlabathini, odakeni noma uma likhithika.
Intengo:
Sorento 2.2 CRDi 7-Seater SXL AWD 8DCT - R988,995
Ifika nemaintenance plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km newarranty yeminyaka emihlanu neroadside assistance.