ABANIKAZI bezimoto ezilimele kungenzeka balinde isikhathi ukuthi zilungiswe ngenxa yokushoda kwamaphathi.
Lokhu kushiwo yinhlangano, iSouth African Motor Body Repairers’ Association (Sambra), esebenza namabhizinisi alinganiselwa ku-1 000 alungisa izimoto.
Umqondisi kazwelonke weSambra, uRichard Green, uthe bathole ezinkampanini ukuthi kunenkinga yokushoda kwamaphathi nokungase kudonse izinyanga.
Uthe amalungu eSambra azokwenza konke okusemandleni ukwazisa abathengi uma belungisa izimoto ngokuthi kuzothatha isikhathi esingakanani.
“Isimo kodwa singaphezu kwamandla. Ukushoda kwamaphathi kuthinta nokukhiqizwa kwamanye angasetshenziswa futhi sibona ukuthi sekube nomthelela ezingeni lamanye amaphathi,” kusho uGreen.
Uthe ukunyuka kwezindleko zokuthutha amakhonteyna amaphathi kulezi zinyanga ezingu-12 ezedlule kuphinde kwenza isimo sedlulela.
Uthe bazoqhubeka nokuxhumana nezinkampani mayelana nesimo samaphathi nokuthi uma kwenzeka ezinye izinto bazozama ukuzilungisa kunokuzishintsha.
“Ubuchwepheshe buthuthuke kakhulu kule minyaka edlule nokwenza ukuthi amanye amalungu eSambra akwazi ukulungisa izinsimbi nokusaplastiki emotweni.”
UGreen weluleke abashayeli abangenalo uhlelo lokubolekwa imoto wumshwalense wabo uma eyabo inenkinga ukuthi balufake ngokushesha ngoba ukulungiswa kwezimoto kuzothatha isikhathi kunokujwayelekile ngenxa yokushoda kwamaphathi.