KUBUKEKA ngathi izokwehla intengo kaphethroli ngenyanga ezayo uma kubhekwa ulwazi olushicilelwe wuMnyango wezaMandla kuleli.
Ngesonto eledlule i-Automobike Association (AA) ayikwazanga ukuqagela ukuthi intengo izoba njani ngenxa yokuthi umnyango ubungakayikhiphi imininingwane kwi-website yayo.
Lolo lwazi selukhona futhi kuvela ngathi intengo izokwehla mbijana.
Kuvela ukuthi uphethroli ungase wehle ngentengo elinganiselwa ku-18 cents ilitha ku-95 Unleaded no-20 cents ilitha ku-93 Unleaded. Kudizili kubukeka ngathi intengo izokwehla kancane noma inyuke.
Ekuqaleni kwenyanga intengo kaphethroli ikhuphuke ngo-91 cents ilitha. Kuya phambili, intengo ephezulu kawoyela nerandi elibuthaka kubeka iNingizimu Afrika engcupheni yokuthi intengo iphinde inyuke.
Ezindaweni ezigudle ulwandle uphethroli ongu-95 Unleaded ubiza uR17.62 kuthi maphakathi nezwe ube nguR18.34 lapho u-93 Unleaded ubiza khona u-R18.15.